Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

Ubebomvu klebhu uDoja Cat koweParis Fashion Week

Nonkululeko Nhlapo|Published

UVALE ngenothi eliphezulu uDoja Cat, ngomsiko wakhe ngesikhathi ekhangisa ngengqephu emcimbini, iParis Fashion Week Isithombe: TWITTER

KUTHIWA kuthathe amahora amane ukugqokisa intokazi engumculi ezinze-USA, umsiko owenziwe ngobuchwebechwebe bobuhlalu, iSwarovski crystal angu-30 0000.

Umculi ozalelwe e-USA, ufike ePetit Palais eParis, kwathula umoya ngesikhathi kuzoqala uhlelo lweSchiaparelli lwengqephu yasehlobo ka-2023.

Amehlo athe njo kuDoja Cat, ozalwa ngumlingisi wakuleli uDumisani Dlamini, kwacaca ukuthi umcimbi usungowakhe.

UPat McGrath, ongumholi wethimba ebeligqokisa umculi uthi kuthathe amahora amane nemizuzu engu-58 ukuhlanganisa kahle umsiko begqokisa intokazi.

UMcGrath ufake i-video ekhombisa intokazi ingena emcimbini nokubonisa ubuhle bengqephu yakhe eduze.

UNaomi Campbell, osemkantshubomvu kwezemfashini nokumodela ungomunye wosaziwayo abancome ingqephu kaDoja Cat, kanti abaningi bebebuza ukuthi ubeyigqoke isikhathi esingakanani.