Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

Ukuthunga yonke inhlobo kumdobela amakhasimende

Simangaliso Ntshangase|Published

UMNIKAZI weLeeTau Design, uNksz Lerato Moloi Isithombe: SITHUNYELWE

UKUNGAKHETHI uhlobo lwezimpahla azithungayo kwabesilisa nabesifazane, ngenye yezinto ezimdobela amakhasimende athanda ingqephu.

UNKSZ Mbali Zinyanga, ehlobe ngengubo ethungwe yiLeeTau Design Isithombe: SITHUNYELWE

UNksz Lerato Moloi (23), odabuka eHarrismith, eFree State, ngumnikazi weLeeTau Design, inkampani yemisiko yemfashini ezinze eHammarsdale, entshonalanga yeTheku.

Echaza ngeLeeTau Design ayisungule nonyaka, uthe ukukhula ethanda ukugqoka ngendlela ehlukile kwabanye abantu, kutshale uthando lwemfashini kuye.

“Ngibe sengiya eTololo Acacemy of Fashion, lapho ngifundiswe ukuthunga nokunye okuhambisana nakho iminyaka emibili. Ngithe ngiqeda ngonyaka odlule, bese ngazi ukuthi ngizogxila kwezemfashini ukuziphilisa,” kuchaza uNksz Moloi.

ENYE yamajakhethi enziwa eLeeTau Design Isithombe: SITHUNYELWE

Eqhuba, uthe into ayiqaphele ngabasiki bengqephu abaningi wukuthi bayakhetha, bambalwa abathunga yonke inhlobo yempahla - lokho kwenza angawesweli amakhasimende ngoba uthunga yonke into egqokwayo.

“Manje sengibheke ukuqhubeka nokuzikhandla ngomsebenzi wami ukuze ngigcine senginendawo yokusebenzela enkabeni yeTheku, ukwenza impilo ibe lula emakhasimendeni afuna ukuhloba ngemisiko yesandla sami,” kusonga uNksz Moloi.