Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

Ubuhle bosaziwayo kwiHDJ

Nonkululeko Nhlapo|Published

Sithe ukuqalaza kosaziwayo abashaye ingqephu njengokwesiqubulo sosuku, isithombe: Nqobile Mbonambi

BESIPHUMA singena emathendeni siqalaza onontandakubukwa bakuleli sicoshacosha izitayela.

Sibonile kancane uNandi Madida efake ivideo ku-Instagram isitayela asenze ekhanda ngokuhambisana nesiqubulu somcimbi womjaho wamahhashi iHollywoodbets Durban July esithi, Show Me The Honey.

Akaphoxanga umama Madida ngoba ubeconsa, eqhakazile. Akuyena yedwa usaziwayo osithokozisile ngesitayela sakhe, simthandile kakhulu uJessica Nkosi, ukuqhamuka-nje kwakhe kuvele kuphephezele umoya.

Sithe ukuqalaza kosaziwayo abashaye ingqephu njengokwesiqubulo sosuku, isithombe: Nqobile Mbonambi
Sithe ukuqalaza kosaziwayo abashaye ingqephu njengokwesiqubulo sosuku, isithombe: Nqobile Mbonambi

Singamshiya kanjani uMinnie Dlamini, hhaybo ubebukeka ngathi yilabo-anti abayizinjinga ube muhle ngale ndlela. Kodwa-ke uvala singasho sithi uThembi Seete, usisi omdala uhlezi esiphakela ukhari obabayo, uyababa, hhayi namhlanje, kudala.