Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

Kuyadlisa ukuzithanda ngezokubukuda

Bongiwe Zuma|Published

UMLINGISI woMuvhango uTebego Thobejane nezinye zezimpahla ongaziphihla ngazo uma uphole olwandle Isithombe: INSTAGRAM

UKUYONGCEBELEKA olwandle akusho ukuthi wonke umuntu uyongena emanzini abhukude kodwa kukhona abakhonze ukuyozipholela. Lokhu akusho ukuthi ngoba awuzongena emanzini sekumele ugqoke noma ikanjani, ugqoke amaqhokisi namabhulukwe akubambayo. Minyaka yonke ongoti bezemfashini beqhamuka nezitayela eziningi zabesifazane zasolwandle ezenza bakuthokozele ukuyoshaywa wumoya bezipholele. .

AKEKHO ongenaso isitayela sokugqoka sokuphola olwandle, uTebogo Thobejane ezipholele Isithombe: INSTAGRAM

Ungoti wezemfashini, uNksz Sandi Mazibuko weFabro Sanz uthi iqiniso lithi wonke umuntu wesifazane wakhiwe ngendlela ehlukile komunye futhi nezitayela zamabikini bakhonze ezingafani. Lokhu kusho ukuthi nezimpahla zasolwandle azehlukane ngezitayela ukuze wonke umuntu ezoba nesimfanele nokwenza kulo nyaka kube nezimpahla eziningi ezahlukene.

IZIMPAHLA zasolwandle eziqhamuka ngezitayela ezahlukene nokwazi ngisho ukuphola ngazo ungabhukudi Isithombe: INSTAGRAM

"Ukufika kwezinkundla zokuxhumana nakho kunomthelela kwimfashini njengoba abanye abantu bekhonze ukuthatha izithombe ezinhle cishe zonke izinsuku nasezindaweni ezahlukene. Nasolwandle kuba njalo, kukhona manje abavakasha ngenhloso yokuyophola bese bethatha izithombe. Yingakho iningi lezimpahla zokubhukuda esesizithunga manje kumele zibe sezingeni lokuthi noma usolwandle kodwa uhehe umsiko wakho,"kusho uNksz Mazibuko.

Ngaphandle kwakhe no-Ouma Tema naye wePlus Fab uhlala eqhamuka nezitayela eziningi zabesifazane abondlekile ngomzimba nokuyibona abahlala benenkinga yosayizi ezitolo. IPlus Fab igaba ngezitayela ezisuke zisesitayeleni futhi ezihlala kahle ezidudleni ukuze zingehluki kwabancanyana ngomzimba.

UJESSICA Nkosi ofake izimpahla zasolwandle zikaFabro Sanz Isithombe: INSTAGRAM

Ukuba solwandle akusho ukuthi abesifazane kuphela abakhonze ukubukeka kahle kodwa nabesilisa bakhona abazifela ngemfashini. Umsiki wengqephu uTomi Rikhotso weTomir Creations kulo nyaka uthathe abaningi eqhamuka nezitayela zabesilisa zokuphola olwandle nezihehe nabanye bosaziwayo.

U-OUMA Tema neminye yemisiko yePlus Fab ehambisana nekimono yokuhloniphisa kahle ngaphezulu Isithombe: INSTAGRAM

Ezinye zezinto ongakhetha kuzo:

-Ungafaka ibikini yakho oyithandayo bese ubuyisa umjiva okuthiwa ikimono ezohlonibisa kahle ngaphezulu uma uwumuntu ongakhululeki kahle ukufaka ibikini yodwa.

-Ukwenza izimpahla zakho zibukeke kahle ungafaka izibuko zelanga, ugqoke nophaqa abamesha kahle nombala wento oyigqokile.

-Imigexo nezigqoko zalanga nazo ziyakwenza ubukeke kahle, nokuziphaqula kuyanezezela ubuhle bakho.

-Ungamesha kube imibala efanayo noma ngabe mingaki akubi nankinga ngoba ezasolwandle, akunamibandela njengemisiko yokuswenka.

-Kumele uqaphele uma ugqoke okwangaphansi okuvukuzelayo, okwangaphezulu akungavukuzeli noma kube kukhulu ngokweqile.

-Jwayela ukuthenga izimpahla ezinendwangu epholile ngoba olwandle kusuke kushisa ngokweqile.

UMOSHE Ndiki ogqoke izimpahala zokuphola olwandle zikaTomi Rikhotso weTomir Creations Isithombe: INSTAGRAM