Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

Usungule umsakazo ngenhloso yokusiza abantu abasha

Charles Khuzwayo|Published

UNKK Nonhlanhla “Mam’Ngobese” Dludla-Sithathu (ofake ijakhethi emhlophe ngaphambili) ekakwe ngozakwabo kwiMoya 101.9 FM Isithombe: SITHUNYELWE

CHARLES KHUZWAYO

UNKK Nonhlanhla “Mam’Ngobese” Dludla-Sithathu (ofake ijakhethi emhlophe ngaphambili) ekakwe ngozakwabo kwiMoya 101.9 FM Isithombe: SITHUNYELWE

UKUKHATHALELA abantu abasha kwenze uNkk uNonhlanhla “Mam' Ngobese” Dludla-Sithathu, wasungula umsakazo womphakathi ozinze eVerulam, Umoya 101.9 FM. Lo msakazo uzokwethulwa ngokomthetho emcimbini oqhubekayo njengamanje eWaterloo Community Centre, eThekwini.

UMam'Ngobese (46), ongumsunguli wenhlangano engenzi nzuzo, iNonhlanhla Ngobese Foundation, uthe umcimbi uhanjelwa ngabalingisi beMbewu nabaculi abahlukahlukene. Kwabazobe benandisa kubalwa uNkanyiso

Uthe inhlosongqangi yokusungula umsakazo wukunikeza abantu abasha ithuba lokuveza amakhono abo.

UMam’Ngobese uchaze kanje ngenhloso yokuvula umsakazo: "Ngithole ukuthi abantu abasha banamakhono ahlukahlukene kodwa abayitholi inkundla yokuwaveza. KwiMoya sibanikeza ithuba lokuba bawaveze."

Akagcini ngokuphatha umsakazo kodwa kunohlelo lwabantu abasha, alwethulayo ngoMgqibelo ngo-8 ekuseni iTeen Show.

"Ngithole ukuthi intsha inezihloko efisa ukuzidingida nabazali kodwa engakwazi ngenxa yokuthi abayilaleli. Ohlelweni siyinikeza ithuba lokuba ikhulume ngokuyikhathazayo. Sithinta izihloko ezinjengokuhlukunyezwa kwabantu besifazane, udlame lwasemndenini, ukhwantalala nokunye."

Uthe kuyamsiza ukuthi ungumam'Mfundisi ngoba uyakwazi ukuxhumana nabantu abasha nokulalela izinkinga zabo.

UMam'Ngobese odabuka eMthunzini, waphothula uGrade 12 eNkosibomvu High, oThongathi, ngaphambi kokwenza izifundo zobumeli nezobuthishela e-Unisa. Waphoqeleka ukuyekela ukufunda maphakathi ngenxa yezinkinga zemali.

Kulo nyaka uqale ukwenza izifundo zeRadio Production eCreative Arts College, ngenhloso yokuzihlomisa ngolwazi lwakho konke okwenzeka emsakazweni, kusukela ekusakazeni kuya ekuphrojuseni nasekuwuphatheni.