KUMENYWA izithandani nabathanda umculo we-jazz ukuba bangaphuthelwa yindumezulu yomcimbi kule mpelasonto
Image: Sithunyelwe
INDAWO yokudlela esezingeni eliphezulu eThekwini, iBean Bag Jazz Lounge, izosingatha indumezulu yomcimbi ngempelasonto wezithandani ozothatha izinsuku ezintathu kunandisa abaculi abathandwa kakhulu kowe-jazz ne-R&B.
Ngesihloko esithi, “Invite Me To Dinner Frank”, lolu hlelo luzonikeza uchungechunge olukhethwe ngokucophelela lwemidlalo ebukhoma ehlanganisa ukucula kahle, izinsimbi ezidlalwa bukhoma kanye nokudla okwehla esiphundu, sukela ngomhla ka-13 kuya ku-15 kuFebhuwari 2026. Kuzobe kunandisa abaculi abafana noKarabo, uLia Butler noLinda Gcwensa ophumelele i-Idols SA Season 11. Abanye abaculi abazobe bakhona abake baba yingxenye yama-Idols, uZee Yanda, Buyie Gold noNhlanhla Ndaba kanti umphathi wohlelo kuzokuba nguMiss Zai.
I-Bean Bag izibeke njengendawo ehamba phambili ekuqhakambiseni umculo we-jazz. Abantu abaningi bayithatha njengesikhungo samasiko lapho nihlangana khona ukulalela umculo opholile, ukudla okumnandi nezingxoxo ezikhathekile nothandiweyo wakho. Phambilini, le ndawo isike yasingatha abaculi abahlonishwayo, okubalwa kubo iThe Soil, Manana noNduduzo Makhathini, phakathi kwabanye abaqinise isithunzi sayo njengendawo yokuqala ekulethela abaculi abanandisa bukhoma eThekwini.
"Lolu hlu lukhombisa ngokusobala ukuthi sifuna ukufinyelela kubo bonke abathandi bomculo ngokuhluka kwawo. Ukuhlanganisa i-Afro pop, i-indie ne-jazz, sifuna ukukhombisa ukuthi i-Bean Bag akuyona indawo eqhakambisa ijazz kuphela kodwa siyawushintsha umshovo sikulethele izinhlobo ezihlukahlukene ukuze kuthokoze wonke umuntu," kusho uDavid Hwangwa, umphathi wale ndawo ongumpheki.
I-Bean Bag iyindawo ezakhele esayo isithunzi phakathi kwezikhondlakhondla ezinjengeZai esizakhele udumo ngokuwola inqwaba yemiklomelo kule mboni nomafikizolo iPizzeria esanda kuvulwa. IBean Bag ishaya ngesitayela esihlukile esiqhakambisa amagugu kuhle kwezindawo ezikuVilakazi Street, eSoweto, kodwa kwasetshenziswa indlela eqhakambisa i-jazz kuhle kwezindawo zekhethelo ezidume eSophiatown. Uma ungena phakathi ukhangwa yimidwebo emihle yemaciko e-jazz, kwafakwa nefenisha enhle njengosofa wesikhumba, amakhethini e-velvet avusa imizwa ye-jazz yesikole sakudala.
Ngale komculo, i-Bean Bag ithandwa kakhulu ngokudla kwakhona okwehla esiphundu njengoba kuqhakanjiswa ukudla kwezwekazi i-Afrika. Ukudla okuhamba phambili lapha kuhlanganisa amanqina (izinyawo zenkukhu), isigwaqane, inyama yangaphakathi (tripe), inyama yenhloko nezinye izidlo zesintu ezikhethwe ngokucophelela nezihambisana nesigqi somculo opholile.
KUSUKELA ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto, abaculi abafana noKarabo, Linda Gcwensa, Zee Yanda nabanye bazobe besina bededelana ukujabulisa wena
Image: Sithunyelwe
Abuhambi bodwa ubumnandi eBean Bag Jazz Lounge njengoba ithimba labapheki lithembisa izibiliboco ezehla esiphundu
Image: Sithunyelwe