Kushone uthisha oyedwa, kwalimala ababili behlaselwa ngowayenguzakwabo emagcekeni esikole
Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers
Amaphoyisa anikele eNtabankulu, e-Eastern Cape ngemuva kokubikelwa ngesehlo esishaqisayo sokudutshulwa kothisha esikoleni samabanga aphansi.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uBrigadier Nobuntu Gantana, isigameko senzeke ngezithuba zabo-12:00 lapho obenguthisha kulesi sikole kusolakala ukuthi ungena ngenkani emagcekeni ngokunqamula uthango.
Umsolwa kubikwa ukuthi ungaphandle ngebheyili ngamacala okunukubeza ngokocansi athinta abafundi.
UGantana uthe umsolwa uqonde ekhishini lesikole, wavulela ngenhlamvu kothisha abathathu.
"Uthisha oyedwa kuthiwa ushonile endaweni yesigameko, abanye ababili bathole ukulimala base bephuthunyiswa esibhedlela. Ngemuva kokuhlasela umsolwa ubhekise isibhamu kuyena wazidubula, kwengeza uGantana.