Ezokuvakasha

Kwethulwe ubuchwepheshe bokuhlola amanzi eSimangaliso

Simangaliso Ntshangase|Published

INGXENYE yomhlaba weSimangaliso Wetland Park eseSt Lucia, enyakatho yeKwaZulu-Natal, okwenziwa kuwona ucwaningo lokuhlola amanzi olwandle nemvelo ukusiza umphakathi

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

UBUHOLI benye yezindawo zokuvakasha futhi eyifagugu esizweni nehlonishwayo ezweni nasemhlabeni jikelele iSimangaliso Wetland Park, bethule ubuchwepheshe besimanje obuzosiza ukuhlola izingabunjalo lamanzi olwandle lwakuleli paki yonkana.

Lokho kushiwo yimenenja yophiko lokonga nokuhlonipha imvelo kuleli paki, uMnuz Siboniso Mbhense, ohambweni lwezinsuku ezine lwabezindaba obelusengxenyeni yaleli paki eseSt Lucia, enyakatho yeKwaZulu-Natal, lokukhombisa ngobuhle nobumqoka bale ndawo.

UMbhense udalule ukuthi inhloso yabo ngalobu buchwepheshe bezinga eliphezulu wukuthi bakwazi ukuhlola ukuthi amanzi asolwandle lwaleli paki asesimeni esifanele nesigculisayo yini, nokuthi babone uma kuba nezinguquko ezithile kulona nsuku zonke.

"Lokhu kuzosisiza ukuthi sibone ukuthi kwenzekani emanzini ngenxa yezizathu ezahlukene, kusinike isithombe esicacile ngokuthi ukungenisa kwemifula uMsunduzi noMfolozi kuba nomthelela onjani epakini lethu, futhi kuzokwenza nokuthi sibone konke okwenzekayo olwandle nasepaki lethu ebusuku ukuze siqaphe yonke into," kusho uMbhense.

Eqhuba, uthe akupheleli lapho sebezokwazi nokubona kahle ukuthi izilwane ezihlala olwandle, okungaba yizinhlanzii nezinye - zigcineke kahle yini, baphinde bakwazi ukuthi babone ukunyakaza kwazo, ukuphumela ngaphandle nokubuyela kwazo emanzini.

"Sizokwazi nokubona nokuthi ungakanani usawoti osemanzini, ophumayo nongenayo, nokuthi lokho kwenzeka ngasizathusini. Yinto ezosisiza kakhulu leyo ukuthi siqonde kahle ukuthi isimo sepaki lethu sinjani, nokuthi sazi ukuthi uma kwenzeka izinguquko ezithile zidalwa yini nokuthi azinabungozi bunii kithina uqobo," kulanda uMbhense.

Uthe konke lokhu kuyingxenye yocwaningo lwabo abahlose ukusebenzisa konke abazokuthola kulo, bese bekwazisa umphakathi ukuze wazi okumele ukwenze nokumele ukugweme ukusiza ukuvikela imvelo namagugu aleli paki .

“Sizosebezisa futhi lolo lwazi esizoluthola ekuphothuleni kwethu lolu cwaningo ukucebisa abalimi bethu abakhele ipaki ngokuthi ukusebenza kwabo bangenza kanjani ukuthi kungabi nabungozi emvelweni yethu, nokuthi baqonde ukuthi yiziphi izindlela okumele bazisebenzise ukuze amanzi asuka epaki lethu ezoba wusizo kubona,” usho kanje.