Ezokuvakasha

Yindawo yokubalekela isiphithiphithi sasedolobheni iGwahumbe Game & Spa

Fanelesibonge Bengu|Published

IGUMBI lokulala ababili eGwahumbe Game & Spa

Image: Fanelesibonge Bengu

SIKUHHAFU wesibili wonyaka manje nokungenzeka ukuthi izinhlelo zikaDisemba seziqalile kwabaningi abangenzi izinto ngomzuzu wokugcina.

Ngesikhathi abanye behlela izinsuku abazogoduka ngazo beye emakhaya, abanye bafuna ukuyongcebeleka baziqashele indawo abazophumula kuyo.

Uma ungasifuni isiphithiphithi sasedolobheni ufuna indawo engenamsindo ayikho ehlula iGwahumbe Reserve Game and Spa eseMid Illovo.

Akukhathalekile ukuthi usogwini oluseningizimu neKwaZulu-Natal okanye umaphakathi nezwe ngoba ziningi izindlela ezibheke khona.

Ngisuka eThekwini ngibambe uN2 kuhle komuntu obheke ePort Shepstone ngase ngingena kuR603 ngidlula eLovu nasezithabathabeni zako-Adams naseMbumbulu ngazo ngayojika ngakwesokunxele sengibheke eMid Illovo.

Uma bengithanda, njengoba ngenzile sengigoduka, bengizoqhamuka ngakuN3 ngijike ngakuMlaas Road bese ngingena kuwo uR603.

IGWAHUMBE inezilwane zasendle njengezindlulamithi, izinyamazane, amadube, izinkonkoni nezinye

Image: Fanelesibonge Bengu

Kuba wukudlula kancane esiteshini samaphoyisa esisedolobheni elincane bese ungena ngakwesokunxele usubheke khona eGwahumbe. Ukuduka akuyona nento ebenginovalo lwayo ngoba kunambhodi abengihola kuhle kwezazi zaseMpumalanga zilandela inkanyezi.

Ube usungena emgwaqweni oyibhuqu ongamakhilomitha cishe amabili noma amathathu ayokufaka khona eGwahumbe. 

Yindawo ephakathi namaplazi esimoba esinye esesivuthiwe, sashiswa, sagencwa sesilungele ukulandwa ngamaloli.

Ukukakwa ngamaplazi kungenze ngaba nokukhululeka okuncane ngoba abalimi bayaziwa ngokuqinisa ezokuphepha ezindaweni zabo nami ngaphefumula.

Uma ube nenhlanhla njengami ungathi ungena ube ubingelelwa ngamadube nezindlulamithi ngasesangweni ubone ukuthi hhayi usesiqiwini ngempela.

Nokho ngasendaweni yokupaka bekungekho zilwane ngehla ngokukhululeka ngibheke endaweni eyamukela izivakashi lapho ngamukelwe khona yintokazi evele yamamatheka. Ngithe nhla ejakhethini ebiyifakile ngalibona igama layo uSthe.

UMA uhamba nge-4x4 uyakwazi ukucela inkombandlela bese uziqwalela izintaba ubuka ubuhle bazo uze ufike emphophomeni. Uma uthanda nokho ugibela awakhona

Image: Fanelesibonge Bengu

Indawo yezivakashi yokwamukela izivakashi le, iseduze neyokuchitha isizungu ngokudlala i-table tennis nokunye.

Ayikho kude futhi neyeziphuzo ezinhlobonhlobo kusuka ekhofini kuze kuyofika kwezishisayo.

Kweyeziphuzo, yilapho futhi nokokumaya kutholakala khona. Ngithole ukuthi uma ufika ungezolala kumele ushaye kuqala ubekise uma ufuna ukuzozibambela okuya ngasethunjini.

Uzikhethela wena okufunayo kusuka kokwendlalela kuze kuyoshaya kokwehlisa i-dessert. Izibiliboco zinhlobonhlobo okhetha kuzo kusuka kufishi, isiteki senyama, u-curry nokunye.

Uma uzolala, okwasebusuku ukukhetha khona emini ukuze bazobe belungisa.

Okungigqamele lapha wukuthi bayayiqhakambisa imvelo njengoba beyivikela. Nendlela okwakhiwe ngayo futhi kunamagilasi emaceleni ukuze uzowubuka kahle ngobunjalo bawo umhlaba.

KUNENDAWO yokuhlala ubuke ilanga liyosithela ube uzishayela iziphuzo ezibandayo ezinhlobonhlobo

Image: Fanelesibonge Bengu

Kwezinye izindawo zokulala ezisesiqiwini njengalena amagumbi bawabeka kude nebhilidi elikhulu bese kumele ushayele ozokuhlangabeza uma usufuna ukuyodla.

Lapha kube wukuthatha amagxathu amabili, amathathu sabe sesifika njalo. 

Wubukhazikhazi begumbi elikhulu nombhede olala ababili.

Izintaba zaseMid Illovo namaplazi uwabona ubunjalo bawo ngoba igumbi livuleke ngokwanele ukuthi uthi njo ngaphandle. Uma uphumela emnyango kunendawo yokuhlala wethamele ubuke ubuhle belanga liyozilahla kunina.

Njengoba sekungene ubusika nje, igumbi lifudumele ngokwanele kwazise lifakwe i-aircon. Nasembhedeni kunoblankethi oxhunywa kugesi ze ungalizweli nakancane ishweza.

Ubekelwe futhi neketela lokuzishayela inkomishi yekhofi. Uma ufuna okushisa ngokwadlulele ikhona neShery ulokhu uthi phohlo ithotho.

EKHISHINI banezibiliboco ezinhlobonhlobo okheza kuzo

Image: Fanelesibonge Bengu

Uma kukhona iziphathele khona okudinga isiqandisi, ifriji libekiwe.

Uyalibona igumbi ukuthi ngelomuntu ofuna ukuzopholisa ikhanda azitike ngemvelo ngoba uzwa umsindo wezinyoni zicula emnyango. Phela akukho mabonakude namsakazo lapha.

Omunye umsindo ongase uwuzwe kungaba ngokamakhelwane ezixoxela nowakwakhe kwazise amagumbi asondelene futhi uyezwa uma kukhona okhuluma ephakamise izwe, noma ungezwa ngokucacile ukuthi uthini.

Igumbi linobhavu wokugeza ubuka imvelo kodwa uma ungawuthandi likhona ishawa elinamanzi afudumele kahle.

Igumbi esikulo libizwa ngeSerengeti ukuliqasha kuhambisana nokudla kwasebusuku nokwasemini. 

Zikhona nezinye izindawo zokulala phakathi eGwahumbe ongabala kuzo i-Eagle’s Nest ongasekude iphele ikulungiswa. Yona ihlukene – kunamagumbi amathathu alala abayisithupha nenamagumbi amane elala abayisishiyagalombili.

KUNENDAWO yokuwotawota umzimba ngezindlela ezahlukene uma ufuna ukuphumula

Image: Fanelesibonge Bengu

Kukhona neZebra Lodge ekahle uma uhamba nomndeni nifuna ukuba seceleni. Lapha niba nanendawo yenu yokubhukuda neyokosa.

Enye yiRiverbend elala abayisithupha emaginjini amathathu wonke anezindlu zawo zangasese. Kune-infinity pool, yindawo yokotha, yikhishi niziphekele nokunye.

Izindawo zokulala ziqala kuR1 650. Ukuza phakathi nesonto kuyashibha nangesikhathi esingekho matasa njengamaholidi kaDisemba.

Uma ungakufuni konke lokhu uyakwazi ukuzifikela ngesiqwalantaba semoto yakho uyozikhempela eduze nomfula ngoR250 bona bakulungisele indawo yokugeza.

Empeleni igama iGwahumbe livela ngoba yilapho kuhlangana khona umfula uMsunduzi no-Umgwahumbe.

Lapha kunanemphophoma encane engingakucebisa engiduke ngaphela ngithi ngiyaziyela kuyo. Phela uma unemoto eyi-4x4 okanye i-4x2 ene-diff lock, uyakwazi ukucela inkombandlela bese uziqwalela wena izintaba zakuleli plazi elingu-700ha uze uyofika empophomeni. Uma uthanda nokho zikhona nezakhona ezivuleke emaceleni ukwazi nokubona izilwane.

Ngaphandle kwezindlulamithi namadube, kukhona izinyamazane, izingugumbane, izinkonkoni, izimvubu nezinyoni ezinhlobonhlobo.

Yizilwane ongadingi ukuthi uqashe nendawo yokulala uma ufuna ukuzibona ngoba uyakwazi ukuvakasha ekuseni uhambe ntambama. Izinto ongazenza khona wukuzishayelela i-4x4 yakho, ukuzodoba, ukuqwala izintaba ngebhayisikili okanye ngezinyawo, ukuzodla, ukubamba imihlangano nokuqinisa ubuhlobo nethimba lakho noma ukuzowotawota umzimba e-spa sakhona.

Ngisakhuluma ngethimba, nelaseGwahumbe liyafana lonke – lihlale limamatheka futhi libuza ukuthi akukho yini elingakusiza ngakho. Libukeka liwumndeni omncane futhi obumbene.