Ezokuvakasha

Ikhwelo lokuqopha amafilimu ezindaweni zasemakhaya ukufukula ezokuvakasha

Simangaliso Ntshangase|Published

KUSUKELA kwesokunxxele wuphrojusa wamafilimu nemidlalo yethelevishini uMnuz Mayenzeke Baza, yinhloko yophiko lwezokuxhumana kwezokuVakasha nezamFilimu KwaZulu-Natal, uNksz Pinky Radebe nophrojusa wamafilimu uMnuz Siphumelele Zondi kwi-Africa's Travel Indaba

Image: TUMI PAKKIES/INDEPENDENT NEWSPAPERS

'KUSEMAHLOMBE ethu ukungabukeli phansi izindawo esihlala kuzona zasemakhaya, futhi singahlale sithuthelana emadolobheni amakhulu kuphela ukuyoqophela imidlalo ehlukene khona. Asisebenzele ezindaweni esihlala kuzona ukusiza ukuzigqamisa nokuthi sithuthukise umnotho wakhona nemboni yezokuvakasha kuzona uma sezinakeke ngokuphelele.'

Usho kanje ofundisa iziqu zeFilm and Media Studies,onamava nolwazi olunzulu lwalo mkhakha, uMnuz Siphumelele Zondi ngesikhathi ethula inkulumo yakhe esigcawini sokucobelelana ngolwazi lokufukula ezokuvakasha nomkhakha wokukhiqiza imidlalo yetheleveshini, ebesenziwe kwi-Africa Travel Indaba, ese-ICC, eThekwini.

UZondi ukhale ngokuthi enye yezinto ezenza ukuthi izindawo zasemakhaya nezisemalokishini aKwaZulu-Natal zingafukuleki ngendlela efanele, wukuthi abakhiqizi bemidlalo abakabi nklamunklamu ukuzisebenzisela ukuqophela kuzona imidlalo abayikhiqizayo.

Lokhu uthe kunomthelela omubi nowenza kungabi lula ukugqamisa izindawo zokuvakasha ezikhona ezingakaziwa.

"Kumele siqede lo mkhuba wokuthi yonke imidlalo emikhulu nethandwayo, iqoshelwe ezindaweni zaseGoli naseKapa kuphela ngoba lokho kwenza ukuthi imboni yezokuvakasha ingachumi ngendlela efanele. Kufanele siqhubeke senze imidlalo ezokwenza kugqame izindawo ezingaziwa nezasemakhaya njengoba sike sabona kwenzeka eminyakeni edlule ngomdlalo osuwaphela Isibaya - owasigqamisela izindawo ebesingazazi zaseMsinga. Sibonile futhi kwenzeka ngoThando nesiThembu, uhlelo olufike kwezwakala futhi lwenza ukuthi abantu banake izinhlelo ezikhuluma ngempilo yabantu, into thina lana ezweni ebesingayinakile kangako njengoba kwenza abakwamanye amazwe," kusho uZondi.

UPHROJUSA wezinhlelo zethelevishini uMnuz Siphumelele Zondi kwi-Africa's Travel Indaba

Image: TUMI PAKKIES/INDEPENDENT NEWSPAPERS

Uphrojusa wamafilimu nemidlalo yethelevishini, uMnuz Mayenzeke Baza, uthe okunye okuzosiza ukuqhubeka kufukuleke imboni yezokuvakasha ezweni, wukuthi ababhali nophrojusa bemidlalo bakubeke eqhulwini ukuzihlupha ngokucwaninga ukuthi hloboluni lwezindaba ezihlaba abantu umxhwele ukusiza ukugwema umkhiqizo ongezukuthandwa.

UPHROJUSA wamafilimu uMnuz Mayenzeke Baza kwi-Africa's Travel Indaba

Image: TUMI PAKKIES/INDEPENDENT NEWSPAPERS

IMIVILIYELO nemidanso bekuhamba phambili embuthanweni wokucobelelana ngezamabhizinisi nezokuvakasha, i-Africa's Travel Indaba, ose-ICC, eThekwini

Image: NONKULULEKO NHLAPHO

OMUNYE wosomabhizinisi uNksz Voula Mabitsela obekhangisa ngendawo yokulala iSir Paul Lodge eLimpopo embuthanweni wezamabhizinisi nezokuvakasha i-Africa's Travel Indaba, ose-ICC, eThekwini

Image: NONKULULEKO NHLAPHO

EZINYE izihambeli ezize embuthanweni wezamabhizinisi nezokuvakasha i-Africa's Travel Indaba, ese-ICC, eThekwini, zithole ithuba lokubhucwabhucwa wosomabhizinisi abenza lo msebenzi

Image: NONKULULEKO NHLAPHO

INJABULO ibiphuphuma ezihambelini ezize kwi-Africa's Travel Indaba, ese-ICC, eThekwini

Image: NONKULULEKO NHLAPHO

UBUCIKO obehlukene bebudla lubi kwi-Africa's Travel Indaba, ese-ICC, eThekwini

Image: NONKULULEKO NHLAPO

"Ukwenza kanjalo kuzosiza ukuthi imidlalo ekhiqizwayo ingasweli ababukeli, okuzothi uma isibukwa ngabantu abaningi - kusizakale imboni yezokuvakasha ngoba yilapho okuzomaketheka khona izindawo ezahlukene ezivela kuyona," kucebisa uBaza.

UZondi ucebise nangokuthi amaciko akuleli zwe aphuthumise ukuhambisana nesikhathi nokuthi akhuthalele ukusebenzisa ezobuchwepheshe ngendlela efanele ukuze kusizakale imboni yezokuvakasha neyokukhiqiza imidlalo njengoba kwenzeka kwamanye amazwe omhlaba asephambili ngezinga lezobuchwepheshe  besimanje nokunye okweyamene nakho.