Ezokuvakasha

Ubuhle bezintaba zoKhahlamba

Nhlakanipho Mnqayi|Published

IDRAGON Lodge okungezinye zezindawo zokungcebeleka oKhahlamba Isithombe: SITHUNYELWE

UMA kuthiwa KwaZulu-Natal, kunenye yezindawo ongazivakashela uma ufuna ukungcebeleka, nokuchitha isikhathi nomndeni nabathandiweyo bakho, indawo yasoKhahlamba ikulezo zindawo ongazivakashela.

Mhlawumbe abantu bayazibuza ukuthi lokhu ngikushiso yini, cha ngike ngathatha isikhathi ngavakashela ezintabeni zoKhahlamba muva nje, ngesikhathi kugujwa iminyaka engu-125 yempi yaseSpioenkop.

INDAWO yokubhukuda esehhotela iDrakensberg Sun Isithombe: SITHUNYELWE

Nebala ngigezeke ubebe ngobuhle bezindawo zokungcebeleka, izintaba zoKhahlamba ezinazo. Kukhona nemfuyo okubalwa kuyo izinkomo namahhashi.

Kulezi zindawo engizihambile kubalwa ihhotela likanokusho iDrakensberg Sun, iChampagne Resort kanye neDragon Lodge.

IHHOTELA iDrakensberg Sun elisezintabeni zoKhahlamba Isithombe: SITHUNYELWE

Ngiphinde ngavakashela nendawo yokudlala imidlalo ehlukahlukene okuthiwa iFour Rivers Adventures. Kule ndawo ungadlala iQuad-Biking, Paintball, Archery neZipline.

IZIPLINE etholakala eFour Rivers Adventures oKhahlamba Isithombe: SITHUNYELWE

Imeya kaMasipala wasoKhahlamba uMnuz Vikizitha Mlotshwa, ithe kuningi okungenziwa ukuthuthukisa le ndawo egabe ngezinto ezinhle zokungcebeleka.

IQUADBIKING edlalwa eFour Rivers Adventures oKhahlamba Isithombe: SITHUNYELWE

UMlotshwa usho kanje njengoba uMnyango wezokuVakasha kanye namaFilimu KwaZulu-Natal ubuqhuba uhlelo lwawo olusongwe ngoJanuwari nonyaka lokugabisa ngezindawo ezingamagugu kulesi sifundazwe.

INDAWO yokuqeda ukoma eDragon Lodge oKhahlamba Isithombe: SITHUNYELWE

“Ngikhuluma nawe nje phakathi nonyaka ngoJuni ngizobe ngiphesheya kwezilwandle ngenhloso yokuyokwakha ubuhlobo nokubona ukuthi bangasisiza kanjani ukuze sithuthukise indawo yethu. Iqembu lebhola laseLiverpool liyafuna ukuza lapha lizokwakha izinkulisa, liphinde lihlwaye ikhono kuyo le ndawo,” kusho uMlotshwa ekhuluma nephephandaba ngempelasonto.

INDAWO ongazipholela kuyona eDragon Lodge Isithombe: SITHUNYELWE

Uthe lobu buhlobo buzokwakha amathuba amaningi emisebenzi.

“Inani lika 43.4% wabantu abangasebenzi lizoncipha kakhulu ngoba kuzobe sekunabantu abazosebenza okuzosilekelela siwuMkhandu kusize kushintshe impilo yabantu oKhahlamba,” usho kanje.

NGAPHANDLE kweDragon Lodge Isithombe: SITHUNYELWE