Ezokuvakasha

I-KZN ikulungele ukwamukela izivakashi nasezindaweni zasemakhaya

Nhlakanipho Mnqayi|Published

Isithombe: KwaXolo Caves Adventures

UMPHATHISWA wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMfundisi Musa Zondi uthi ezokuvakasha zibalulekile ukuthi zibekhona ezindaweni zasemakhaya njengoba namuhla kwethulwe ngokusemthethweni umkhankaso wasehlobo eBlue Lagoon ogwini oluseNingizimu neKwaZulu-Natal ngaphansi komasipala iRay Nkonyeni.

@isolezwenews

♬ original sound - Isolezwe

Lo mphathiswa uphinde wagcizelela ukuthi abantu baziphathe kahle bengaphuzi utshwala bese beyashayela njengoba nabezomthetho bazobe bephume ngobuningi ukuqinisekisa ukuphepha.

Inkosi yakwaXolo, uMnuz M Xolo ithi, njengoba kubhekwe emaholidini kaDisemba, izivakashi eziqhamuka ezindaweni ezahlukene ezizovakashela kule ndawo, zizofunda ngosikompilo nangendlela okuphilwa ngayo.

@isolezwenews

♬ original sound - Isolezwe

INkosi uXolo isho kanje njengoba bekuzothulwa umkhankaso wasehlobo wasogwini oluseningizimu neKwaZulu-Natalngaphansi komasipala iRay Nkonyeni.