Ezokuvakasha

Amasu amahle okukhangisa amabhizinisi

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMBUKISO wezokuvakasha i-Africa’s Travel Indaba, unohlelo oluvulela osomabhizinisi abahlukene bakuleli, nabakwamanye amazwe amathuba okukhangisa ngamabhizinisi abo.

Umbukiso uqale ngoLwesibili e-Inkosi Albert Luthuli Convention Center, eThekwini. Wenziwa minyaka yonke ngenyanga kaMeyi futhi uheha izinkulungwane zosomabhizinisi nezivakashi ezisuke zifuna ukuxhumana ngqo nabanikazi bezindawo, nalabo abathutha izivakashi bezikhombisa izindawo ezahlukene, izinkampani ezenza imisebenzi ehlukene njengokwakha izinsiza zokudlala nezokungcebeleka.

Yize kukhona amabhizinisi amakhulu namancane, kuhle ukubona indlela amabhizinisi amakhulu asebenza ngayo ngoba kungasiza ukuthuthukisa abasacathula.

UNGAFUNGA ukuthi ungaphakathi esitimeleni sikanokusho iBlue Train kanti cha use-ICC eThekwini, lapho kukhangiswa khona amabhizinisi ahlukene Isithombe: NONKULULEKO NHLAPO

Njengoba amabhizinisi ehleli endaweni eyodwa, kuhlukene ngemingcele, kulula ukubona abacaphuna kusale ngezimiso zezindawo zabo. Izindawo zamabhizinisi amakhulu uzibona ngezakhiwo nefenisha enhle kanokusho, ikhofi ulizwa linuka ngoba lishunqa emshinini walo. Amaningi amabhizinisi amakhulu aphethe izinsiza zobuchwepheshe besimanje bokukhangisa izindawo zabo. Izinsiza zobuchwepheshe zifakwa emehlweni sengathi ugqoka izibuko kodwa kudlala ifilimu ekuthatha ikubeke ngqo endaweni ekhangisayo.

Amanye anamathelevishini adlala amavidiyo ezindawo ezikhangiswayo kanjalo nezithombe ezinkulu ezibonisa ubuhle bazo.

Izindawo ezinjengeSun International, zikwenza uzizwe sengathi uphakathi ehhotela, izithombe ezinkulu iSun City uyibona iphelele njengoba injalo.

Lokhu kwenza kwamabhizinisi amakhulu kungasiza amancane ukuthi abone indlela angazihlela ngayo ngokuzayo uma ezikhangisa.

Okunye okuhle nokugqamile ukubona omasipala abaningi bephelezele amabhizinisi ezindawo zabo akhangisayo kule ndawo.

ILimpopo, ingezinye sezifundazwe ezijube amanxusa omnyango wezokuvakasha, nosomabhizinisi abakule mboni ngenhloso yokuqhakambisa ubuhle bayo kanjalo nokuheha izivakashi.

Kulula ukubona amabhizinisi alesi sifundazwe ngoba lapho kukhona khona amanxusa akhona ubona ngemvunulo egqamile nemibalabala yamaPedi manaVenda nokuqhakambisa bona ubuhle bayo.

Isolezwe lixoxe noLiorna Berend wenkampani iBarutho Tours and Travels, ozwakalise injabulo enkulu ngokuba yingxenye yombukiso. ULiorna uthi useneminyaka ehambela umcimbi wokukhangisa amabhizinisi ezokuvakasha ngaphansi kwesifundazwe sakhe iLimpopo. Kulo nyaka ungene ngaphansi kohlelo lwe-Hidden Gems, oluhohlwa ngumnyango wezokuVakasha ezweni lonke.

Uthi ukuba yingxenye yabakhethiwe kuHidden Gems kumjabulise kakhulu njengoba esehlangene nezinkumbi zezivakashi ezibonakale zikuthakasele ukuzwa kabanzi ngebhizinisi lakhe.

“Ukuba lapha kuhluke kakhulu nokuba ematafuleni esifundazwe, ngoba lapha kufika kakhulu izivakashi zasemazweni ahlukene nokuyinto ehambisana ngqo nebhizinisi lami ukuheha izivakashi zakwamanye amazwe,” kusho uNksz Liorna Berend.

Inkulumo kaLiorna ifakazelwe nguMnuz Moses Ngobeni, oyiCEO yeLimpopo Tourism Agency, othi babuyile kulo nyaka ngemuva kokuba nesikhathi esihle ngonyaka odlule baheha izinkumbi zabavakashi esifundazweni sabo.

UNgobeni uthi nakulo nyaka babheke lukhulu njengoba sebezibekile ebalazweni lezokuvakasha njengesifundazwe esinezinto eziningi futhi nezindawo eziningi eziheha abavakashi abahlukahlukene.

“Asinalo ulwandle kodwa isifundazwe sethu sisendaweni enhle ngoba ingxenye yeKruger National Park, isesifundazweni sethu futhi sisemingceleni waseZimbabwe, nowakwamanye amazwe. Kuningi esinakho kokuheha izithandani, izinkampani ezifuna ukukhipha abasebenzi namaqoqo abantu,” kuchaza uNgobeni.

Uthi uyakulangazelela ukuxhumana nozakwabo kwezinye izifundazwe bakhe itulo lokusebenzisana ukuze bahehe izivakashi ezifuna ukuhamba zigudla izifundazwe ezahlukene.

AMAKHOSIKAZI amabili adabuka eSwatini, ekhangisa ngamabhizinisi embukisweni i-Africa’s Travel Indaba Isithombe: NONKULULEKO NHLAPO