Ezokuvakasha

Jabulisa umzimba ngokuthi ubhucungwe unethezeke eSpa

Kiki Ntuli|Published

Phumula kamnandi uwotawotwe umzimba eNibela SPA

UKUBA nomuzwa wokuphila kahle, ukuthula nokukhululeka emoyeni, ngezinye zezinto eseziseqhulwini lezivakashi uma zihlela amaholidi nezindawo ezizozihambela.

Yikho lokhu okwenza ukuthi sande isitayela sokuthi izivakashi uma zibheka izindawo ezizovakashela kuzo, ziqikelele ukuthi zinaso iSpa noma sisondelene yini naleyo ndawo.

Izindawo eziningi zokuvakasha sezidlisa ngazo izindawo zokubhucunga nokwelapha umzimba.

Sikuhlanganisele uhlu lwezindawo ezinhlanu ezineSpa esihamba phambili, okumele uhlele ukuzivakashela maduze.

1. Brahman Hills Spa and Healing Earth

UMA ufuna ukuphumula nokupholisa ikhanda ubuka ubuhle beMidlands, i Brahman Hills Spa and Healing Earth iyona ndawo yekhethelo isisthombe: FACEBOOK/BRAHMAN HILLS

Siyiklelise eqhulwini ngenhloso le ndawo njengoba nozokuthola kuyo kusezingeni eliphezulu.

Uphuma uwuzwa umehluko hhayi emzimbeni kuphela kepha nasemoyeni uma uqeda ukubhucungwa nezinye izinto ezenziwa kulesi Spa njengeFacial, Yoga, iBody Detox neBody Polish.

Kulesi Spa kunanechibi elinamanzi afudumele anezithako ezenza umzimba unethezeke. Ukuba sendaweni enokuthula nakho kukodwa kukunika umuzwa opholile.

Lesi Spa singaphakathi endaweni yezivakashi iBrahman Hills phakathi kweHowick neMooi River, edlisa kakhulu ngokuba yindawo yemishado. Nakhona eSpa zikhona izipesheli ezenzelwa omakoti, izimpelesi nezithandani.

2. Sanctuary Spa

USUKE ubuka izintaba zoKhahlamba uma useSanctuary Spa eseSani Pass Premier Resort, e-Underberg

Lesi Spa siseSani Pass Premier Resort, ese-Underberg. Kukude impela uma kuthiwa usuka eThekwini kepha kuphela ukukhathala kulesi Spa. Ihhotela esikuso lidume nangokuba yindawo ekahle ukuhlela izingqungquthela nemihlangano yomsebenzi.

Kulesi Spa beluleka ngokuthi abasuke beze ehhotela ngokomsebenzi, bangaziphuthiseli ngokuvakashela le ndawo yokuzibhucunga, okungabasiza nasekwehliseni ingcindezi yomsebenzi.

Ukubhucungwa nokucwalwa kwezandla nezinyawo, kuthola amaphuzu aphelele kule ndawo. Eceleni kwayo kune-swimming pool ne-hot tub.

3. Nibela Spa

Usuke ubuka isidakadaka sechibi elingenela eSimangaliso Wetlands Park, uma useSpa esiseNibela Lake Lodge. Leli chibi lilodwa likunika umuzwa wokuphumula nokuthula.

Uyadideka uma usungene ngaphakathi sekufanele ukhethe ukuthi uzowujabulisa kanjani umzimba wakho njengoba kunezinhlobonhlobo zezindlela zokuwubhucunga nokuwucwala njengoba kukhona oSwedish massage, Indian head massage ne-Anti stress massage.

4. The Spa Oyster Box

Thokozela ukubhucungwa ngeshukela oxutshwe namafutha nokwenza isikhumba sihlanzeke futhi sihlale sibushelelezi, lokhu kwenzelwa egumbini elikhethekile le-Hammam Steam Room.

Ngeyomntakabani le ndawo esehhotela iThe Oyster Box, eMhlanga. Yize incinza ephaketheni kodwa ngeke uyikhalele imali yakho ngoba ‘imigilingwane’ eyenziwa kulesiya Spa, ikushiya ‘uzelwe kabusha’ uzizwa sengathi unamandla amasha okubhekana nempilo.

Indlela yokukhuculula nokwelapha umzimba eyayenziwa eTurkey emandulo iHammam, iyenziwa kulesi Spa esisehhotela eligudle ulwandle nelidume ngokuvakashelwa ngosaziwayo bamazwe omhlaba.

5. Mangwanani Spa

IMANGWANANI Spa inesitolo esidayisa izinto zokunakekela nokuwotawota umzimba, nokupholile kokogqoka

Kuke kwakhona isikhathi lapho bekudlisa yona yodwa iMangwanani emkhakheni wezindawo zokubhucunga nokwelapha umzimba. Okuhle wukuthi le ndawo isalibambile izinga eliphezulu.

Kuyibhonasi nokuthi iMangwanani Spa isitholakala emahhotela ehlukene nakwezinye izikhungo nezinxanxathela. IFacial yakhona ihamba phambili, uphuma ubuso buntofontofo futhi bukhazimula.

Ungaya eMangwanani ekwezinye izindawo kodwa isahamba phambili eseSibaya Casino, eThekwini.