Ezokuvakasha

Ubuhle bomlando wamaqhawe aKwaZulu-Natal

Nonkululeko Nhlapo|Published

IPHINI likangqongqoshe wezokuVakasha uMnuz Amos Fish Mahlalela, nezitshudeni ezenza izifundo zezokuvakasha e-UKZN, ngenkathi zifundiswa ngomlando kaDkt John Langalibalele Dube, oHlange Isithombe: NONKULULEKO NHLAPO

IPHINI likangqongqoshe wezokuVakasha kuzwelonke uMnuz Amos Fish Mahlalela, livakashele izindawo zamagugu enyakatho yeTheku, lihamba nezitshudeni zase-UKZN, ezenza izifundo zokuvakasha.

UMnuz Mahlalela utshele Isolezwe ukuthi bahlele uhambo ngenhloso yokuvuselela imboni yezokuvakasha, nokuyiyona eshayeke kakhulu ngokuvalwa kwezwe ngenxa yeCovid-19.

“Sizelapha ukuzogqugquzela nokukhangisa izindawo abantu abangazivakashela lapha eThekwini, bangagcini emabhishi kuphela. Ngaphezu kwalokho sizoba nesifundo esisosenza nabafundi abakulo mkhakha e-UKZN. Sibone kungcono ukuthi sibathathe sibabonise izindawo ukuze bakwazi ukuhlelela ikusasa labo ngokuthi kuyini abakufundele nokuthi bangadlala yiphi indima kule mboni,” kuchaza uMahlalela.

IMIFANEKISO yabantu abamnyama KwaMuhle, eThekwini Isithombe: NONKULULEKO NHLAPO
IMIFANEKISO yabantu abamnyama KwaMuhle, eThekwini Isithombe: NONKULULEKO NHLAPO
IPHINI likangqongqoshe wezokuVakasha uMnuz Amos Fish Mahlalela nezitshudeni ezenza izifundo zezokuvakasha e-UKZN, zifundiswa ngomlando waKwaMuhle, eThekwini Isithombe: NONKULULEKO NHLAPO

Uhambo luqale KwaMuhle, ngesifundo somlando wendawo kubukwa nezithombe zakhona.

Kudlulelwe eBhambayi, emzini kaMahatma Ghandi, lapho izihambeli ziboniswe umuzi nemifanekiso ehlukene nomlando wakhe, zachazelwa kabanzi nangezinye izakhiwo ezikhona endaweni.

IPHINI likangqongqoshe wezokuVakasha uMnuz Amos Fish Mahlalela nezitshudeni ezenza izifundo zezokuvakasha e-UKZN befundiswa ngomlando kaMahatma Ghandi, eBhambayi Isithombe: NONKULULEKO NHLAPO
IPHINI likangqongqoshe wezokuVakasha uMnuz Amos Fish Mahlalela nezitshudeni ezenza izifundo zezokuvakasha e-UKZN zifundiswa ngomlando kaMahatma Ghandi, eBhambayi Isithombe: NONKULULEKO NHLAPO
IPHINI likangqongqoshe wezokuVakasha uMnuz Amos Fish Mahlalela nomfanekiso kaMahatma Ghandi, eBhambayi Isithombe: NONKULULEKO NHLAPO

Uhambo luphelele oHlange, lapho izihambeli zamukelwe nguMnuz Mandla Nxumalo, obonakalise ikhono lokuchaza ngomlando kaDkt John Langalibalele Dube, owayengumengameli wokuqala we-ANC.

UNxumalo uchaze ngekhaya lakwaDube, nokusungulwa kwesikole oHlange, ukufika kukaDkt Nelson Mandela owaba ngumengameli wokuqala omnyama ngemuva kokuthi izwe lithole inkululeko. UMandela wavotela lapha oHlange ngo-1994.

UNxumalo ubuye waveza ukuthi kunezinhlelo zokuthuthukisa indawo njengoba bekubonakala ukuthi kunesakhiwo esisukumayo eceleni.

IPHINI likangqongqoshe wezokuVakasha uMnuz Amos Fish Mahlalela eduze kwetshe lesikhumbuzo likaJohn Langalibalele Dube, oHlange Isithombe: NONKULULEKO NHLAPO