Ezokuvakasha

Izihlabani zizidelisile ngobuhle bezilwane nemvelo

Kiki Ntuli|Published

UJASON Boyega noThuso Mbedu, bathole isikhathi esikhethekile esiqiwini iLions Valley Lodge, eMnambithi

KUNEMIKHAKHA emibili owezokungcebeleka nowezemidlalo, ekhombisa ngokusobala ukuthi iyingxenye ebalulekile kwezokuvakasha.

Muva nje, bekuphithizela izihlabani zomhlaba ezingqavile emikhakheni yomibili futhi zijikeleze isifundazwe zizidelisa ngobuhle bezindawo.

Intokazi yaseMgungundlovu, esidume nesihlonishwa emhlabeni jikelele uThuso Mdebu, ithelekele kuleli ihambisana nozakwayo uJohn Boyega, bezokwethula ngokusemthethweni ifilimu yodumo, iThe Woman King.

UJASON Boyega noThuso Mbedu, bathole isikhathi esikhethekile esiqiwini iLions Valley Lodge, eMnambithi

Ngemuva kwesiphithiphithi abalingisi bavakashele ko esiqiwini iLions Valley Lodge, eMnambithi.

Ngenye yezindawo eziwubukhazikhazi nokuyilapho kuvakashela omntakabani, bathokozele ubuhle bezilwane zasendle nemvelo.

KUSUKA kwesokunxele iMenenja yezokuxhumana eTourism KZN uPinky Radebe, izihlabani zebhola uBrilliant Khuzwayo noMark Fish nemeneja yezokumaketha eTourism KZN uMpho Mbuli

Njengoba bekunemidlalo yebhola yomqhudelwano weCosafa, ebidlalelwa esihlabathini solwandle esongwe ngeledlule, izihlabani zebhola zakuleli uMark Fish, Brilliant Khuzwayo noSiyabonga Sangweni zihlabe ikhefu ngokuhambela umqhudelwano zavakashela izindawo ezehlukene ezidonsa amehlo eThekwini.

Bavakashele eShaka Marine, KwaMuhle Musuem, emakethe ekuWarwick Junction naseNanda Heritage Route, uhambo lwabo balusongela ehhotela elisha elikhona eNanda, i-Octavia Botique Hotel.