Ezokuvakasha

Ungabageza ubebebe odado eWild Coast Sun

Nonhlanhla Shangase|Published

Yonke into iqoqene ndawonye kubazali abafuna ukuthi uma izingane zisemanzini noma zidlala bazibone eWater Waves Park

UMA ukhuluma ngeWild Coast Sun, esoGwini oluseNingizimu ePort Edward, into efika emqondweni kubantu abaningi kuba yizindawo zokugembula njengoba ithandwa kakhulu amaphanta.

Kodwa empeleni lena yindawo eyakhelwe ukuthi ithokozelwa wumndeni wonke ikakhulukazi ngalesi sikhathi sonyaka. Alukho uhlobo lokuthokozisa ingane ongeke uluthole kule ndawo kungakhathaleki neminyaka yazo.

Kwabathanda imidlalo eyenza ubambe umoya, le ibizwa ngeCapsule. Untwenza ubambe umoya emanzini

Ubhazabhaza wendawo enezinhlobonhlobo zemishushuluzo ehambisana namanzi, imibhoshongo emide nemikhulukazi nayo ehambisana namanzi, umfula okwazi ukuntweza kuwo ngezikebhe ezakhelwe abadala nabancane, ngezinye zezinto ezigqamisa le ndawo engaphakathi eWild Coast Sun ebizwa ngeWild Waves Water Park.

Kubazali abangahlali nezingane zabo, ezifika ngokuvakasha ngesikhathi esithile sonyaka, le yindawo ebalungele kakhulu engabasiza bazane kangcono kwazise imidlalo ekule Water Park yenziwe ngendlela yokuthi uyakwazi ukuyidlala ubambe ingane yakho noma nobabili nengane.

Enye into emnnandi ngale Water Park wukuthi yize yenziwe kucatshangwa izingane kodwa umndeni wonke ugcina uthokoza ikakhulu labo abanganqeni ukwenza imidlalo ebenza babambe umoya, ngikhuluma ngombhoshongo ovalekile ongaba amakhilomitha amabili ohamba amanzi anamandla phakathi, okwazi ukuntwenza kuwo ngesivinini ubambe umoya.

Imibhoshongo eyimishushuluzo ehambisana namanzi eWild Waves Water Park

Yize iWild Coast Sun iyihhotela njengamanye, okusho ukuthi linezindawo zakhona zokudlela. Kodwa eduze kwale ndawo kukhona cishe wonke ama-restaurant ajwayelekile athokozelwa yizingane njengoDebonairs, Steers, Spur namanye amaningi. Okusho ukuthi niwumndeni niyakwazi ukuchitha usuku lonke kule ndawo ningakhathazekanga ngokuya ethunjini.Nonga nemali ebeningayikhokha ngokudla kwasehhotela.

Lezi zithuthuthu zihamba zize ziyofika entabeni okwashuthela kuyo umlingisi waphesheya uLeornado DiCaprio i-movie iBlood Diamond ekhona eWild Coast Sun

Ngaphandle kwakho konke lokhu, niwumndeni ningaqhubeka nokujabulela eminye imidlalo okubalwa kuyo ukugibela amahhashi, okubizwa ngamaQuardbikes okuyizithuthuthu ezikhethekile enikwazi ukuntweza ngazo ibanga elide nize niyofika entabeni edume ngokubonakala kwi-movie yodumo iBlood Diamond okudlala kuyo phambili umlingisi uLeornado DiCaprio. Iyona belu leyo ntaba adutshulwa ezama ukuyiqwala. Ukwazi nokuhamba kuleliya bhuloho ahamba kulona ngaphambi kokufika kuleya ntaba( kulabo abayibuka le movie).

IMangwanani yodumo eyenza umsebenzi wokubhucabhuca umzimba, ingaphakathi kuleli hhotela iWild Coast Sun

Senikwenze konke okuyimidlalo, iWild Coast Sun isebenzisana nabacwali abahamba phambili iMangwanani, eyenza kakhulu umsebenzi wokubhucabhuca umzimba. Akumele uhambe kule ndawo ungangenanga kule ndawo, okuhle wukuthi uma uhlela imali ozoyikhokha, uyakwazi ukuhlanganisa konke nemali yokuzibhucabhuca.

Ngaphakathi eWild Coast Sun kunendawo yezingane yokudlala eminye imidlalo ehambisana nobuchwepheshe nokunye okuningi uma zingafuni ukuba ngaphandle

Kulabo abasanda kushada, abasuke bekulokhu okubizwa nge-honeymoon, nabo le yindawo yabo. Ngisho ngoba ihhotela lakule ndawo liseduze kolwandle ngendlela yokuthi uma ulele, ulwandle lunkeneneza kamnandi noma ulunguza ngewindi, amehlo akho asheshe ahlangane nobuhle bale mvelo.

Okunye ongakwenza bude buduze neWild Coast Sun

– Kubathandi begalofu, ikhona iWild Coast Golf Course engaphakathi kule ndawo.

– Bude buduze kukhona indawo egabe ngobuhle bemvelo nalapho ubona lonke uhlobo lwenyoni ongayicabanga uMtamvuna Nature Reserve.

– Kukhona neCow Shed Pottery okuyimakethe edayisa ubuciko bamabhodwe okuhlobisa igceke.

– Kulabo abathanda ukudoba, endaweni engamakhilomitha ambalwa nje kukhona iDeep Sea Fishing okuyindawo okwazi ukuzidobela kuyo noma ufunde kabanzi ngokudoba.

– I-Oribi Gorge nayo ayiqhelile kule ndawo. Yona ke igabe ngemidlalo yokuntwenza ngezintambo emoyeni ekwenza ubambe umoya okuyi-Abseiling neminye eminingi.