UKUKHALA kwababukeli ngokunyamalala kukaMaphalala obelingiswa ngumculi nesazi kwezesintu uMbuso Khoza, emdlalweni woMzansi Magic, Umkhokha: The Curse, kwenze wabuyiswa emdlalweni.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ngomthombo othembekile nowazi konke okwenzekayo emdlalweni odidiyelwe yiRhythm World kaDuma Ndlovu, ukuthi uMbuso ogcine ukubonakala kuMkhokha ekuqaleni kwalo nyaka, useqalile ukuqopha manje.
“Kusukela ashiya emdlalweni, ababukeli boMkhokha bebekhala ngalokho ngoba babeyikhonze kakhulu indawo abeyilingisa. Kwenza ukuthi babhale ezinkundleni zokuxhumana, benxusa abadidiyeli bomdlalo ukuthi bambuyise,” kuchaza umthombo ongathandanga ukudalulwa.
Kuzokhumbuleka ukuthi iphephandaba labika ekuqaleni konyaka ukuthi uMbuso wayekubeke kwacaca kubadidiyeli bomdlalo ukuthi uma kuba nezinto ezithinta umculo ezimdingayo, kuyophoqa ukuthi ashiye emdlalweni. Kwagcina kwenzekile wabe eseshiya ngempela njengoba kuvela ukuthi uyabuya manje.
Uqhuba umthombo, uqinisekise ukuthi uMbuso futhi oneqhaza elikhulu emaculweni azwakala kuMkhokha, useqalile ukuqopha kuwona futhi umatasa impela cishe usuku, nosuku ngoba kuphuthunyiswa ukuthi abonakale kuwona maduze.
“Nakuba kungakacaci ukuthi uzoqala nini ukubonakala emdlalweni isibili, kodwa yiqiniso ukuthi ababukeli bazombona ekhuza ibuya kuwona kungekudala,” kusho umthombo.
Kuthintwa uMbuso ukhale ngokuba matasa, wacela ukuthi abuye athintwe, okuthe uma isimthinta intatheli ucingo lwakhe bese lukhala umlibe, lungabanjwa.
Kuthintwa okhulumela iMultichoice, uPortia Hlongwane uqinisekisile ukuthi uMbuso uyabuya kuMkhokha, nokho wangaphumela obala ngokuthi uzoqala nini ukubonakala kuwo.
“Uma uzokhumbula kahle indawo kaMaphalala sasingayinqamulanga emdlalweni, yanyamalala nje - yingakho sesinqume ukuthi siyibuyise manje,” usho kanje.