UKUSALELA emuva kwabesifazane ngamathuba emikhakheni ehlukene kwenza iningi lisebenze ngokuphindiwe. Umkhakha wokuklwebha amapuleti woDj ungomunye okubekeka abesifazane bengenisa kuwona. Kepha, kubonakalayo sengathi kusegebe elikhulu phakathi kwabo nabesilisa. Yize kunjalo, abaningi beyangokuvelela emsakazweni, kwithelevishini, emabhizinisini nasemculweni.
Omunye uDj oseneminyaka ewu-15 engumsakazi woKhozi FM, nguZandile Dladla, owethula uhlelo oluthi Faka Umoya. UZandile udume ngelikaDj Zeal ‘MaDladla’, uthe sekuyisikhathi sokuthi oDj besifazane bathenjwe ngendlela efanayo nabesilisa. UZeal uthe akumele kulindwe inyanga yabesifaza ukuze kuqashwe uDj wesifazane ngoba kugujwa, u-Agasti.
"Ngaqala eWits ngo-2008 ngingena kulo mkhakha, kule minyaka zikhona izingqinamba uma unguDj wesifazane. Kawugcini ngokudlala umculo kodwa uyanandisa, ubuye usakaze. Ukusebenzela iziteshi ezinkulu njengoKhozi, neMetro FM kungikhulisile kwangivulela amathuba. Ngikhuluma esiteshini esinezinkumbi zabalaleli, okwenza abantu bangethembe nangemibono yami uma kuvotelwa abaculi," kuchaza uZeal Madlala
UMiss Enhle, onguDj obuye abenguthisha, uthi liselikhuli igebe phakathi kabesifazane nabesilisa ezindaweni zobumnandi. Impatho nokubukeleka phansi ngokwemfundo nesipiliyoni ngenye yezinto afisa ukuyishintsha. Uthi esikhathini samanje kubalulekile ukuba nemenenja eyengamele umsebenzi wakho nokuwufundela lo mkhakha ukuze ungaxhaphazeki ngoba ungowesifazane.
"Akanqeni owesilisa ukuphambanisa izinto kule mishini yokudlala uma usuzongena ngoba efuna ukubona ukuthi uzokwazi yini ukuqaphela lokhu futhi uzilungisele. Into engicabanga ukuthi yenza sivaleleke yingoba abesilisa abaningi basuke belindele ukuthi kube nendlela okhokha ngayo ukuze bekuveze kubantu. Ngisho abahleli bemcimbi bafuna ube nobudlelwane nabo, uncenge ngoba uma ukhuluma ibhizinisi kuphele bakuvalela ngaphandle yize unekhono," kuchaza uMiss Enhle.
Abanye oDj bangene kwezwakala kubalwa uLerato Kganyago, Dj Zinhle, Dj Happygal, Dj Hlo asebenamabhizinisi nakweminye imikhakha evulela nabanye besifazane amathuba.