KULINDELEKE ukuthi kushiyelane abaculi abenza kahle emculweni kamaskandi emcimbini Amatshitshi Festival ozobanjelwa eCurries Fountain, ngoMeyi 24.
Lo mcimbi injongo yawo enkulu ukuzigqaja ngokuzigcina kwamatshitshi, nala ezobe eyoyalwa khona ngezinto ezihlukene futhi ajatshuliswe ngomculi wamaciko adumile.
Ekhuluma neSolezwe omunye wabahleli bawo, uNkosinathi Gumede, uveze ukuthi njengoba beqhubeka bememezela abaculi usuku nosuku, bafuna ukujabulisa lezi zintombi ezingasitholi isikhathi sokuhlangana nezinye ezingozakwabo futhi okunzima ukuthi abazali bazidedele ziyozijabulisa.
“Njengoba siqhubeka nokumemezela uhlu lwabaculi, kuzothi uma siqeda bona bese simemezela izihambeli ezizobe zikhona kulo mcimbi ezizokwethula izinkulumo zizibhekise ezintombini. Umcimbi, ekuseni uyoqala ngemashi eyoba senkabeni yeTheku, uma siqeda lapho sibuyele enkundleni yezemidlalo iCurries Fountain, nala amatshitshi ayobe esehaya izingoma zala eqhamuka ngakhona. Uma kuphela lapho kuyobe sekusina kudedelana abaculi abahlukene kuze kuyovalwa,” kuchaza yena.
Uthe abamatasa nakho manje ukuhambela izindawo ezihlukene njengoba besanda kuya eGoli, maduze bazoya eNewcastle beyohlangana namatshitshi ukuze bawagqugquzele ukuthi eze kulo mcimbi.
Uphinde waveza ukuthi omasipala abaningi sebevule uxhaso lwamabhasi azoletha izintombi kulo mcimbi nokuyinto ebajabulisayo.
“Siyabonga kulona lonke uxhaso esilutholayo ngalo mcimbi. Sibonga neSolezwe ngokuba ngabanye babaxhasi ukusihambisela izwi emphakathini ngezinto ezithinta umcimbi. Ezinye izinhlelo ngomcimbi soqhubeka sizimemezele ukuhamba kwesikhathi kodwa kuningi esikuhlelile nawo futhi asingabazi ukuthi uzoba yinto ekhuthaza intsha eningi yamantombazane ukuthi ibe yingxenye yezintombi la zidabuka khona,” usho kanjena.
Kubaculi asebemenyezelwe ngabaphathi balo mcimbi, kubalwa uMzukulu, Limit Nala, Babes Wodumo, Dj Boonu, Gatsheni, DJ Ngane, Falabo, Sgwebo Sentambo, Mdumazi, Laconco, Inkosi YamaGcokama nabanye.