UMCULI wekwaito uL’vovo uthe akusensuku zatshalwa ashadelwe ngoba uyabona ukuthi iminyaka iyahamba.
UL’vovo (38) utshele leli phephandaba ukuthi unaye usofasilahlane wakhe, angafunanga ukumdalula, abonayo ukuthi bazohlukaniswa wukufa naye.
“Ekhaya bayangeseka kukho konke engikwenzayo. Nginezingane ezimbili. Umama nje wuyena mlandeli wami omkhulu. Maduze ngizothatha umakoti, sekuyisikhathi. Umuntu uyakhula kufuneka umama ekhaya owaziyo ukuthi noma ngabe uphumile, ukhona,” kusho uL’vovo.
Lo mculi uveze nokuthi akasawusebenzisi uDerrango egameni lakhe.
“UDerrango waqhamuka sise-studio noZakes Bantwini kwaba yigama eliziqhamukelayo. Abantu balamukela futhi sekuphele iminyaka engu-12 manje ngilisebenzisa. Sekuyisikhathi sokuthi sizwe ukuthi uL’vovo uphetheni.”
Uthe uqale kahle ngengoma ephume ngoLwesihlanu ethi Iyavaya apike kuyo uDr Malinga noProfessor. Ididiyelwe yiRude Boyz.
“Ngithukile ngendlela abantu abayamukele ngayo. Kusukela iphumile idlala emsakazweni emikhulu njengeLesedi FM, Ukhozi FM, Metro FM neGagasi. Ikwaito isekhona futhi ngihlale ngisho ukuthi ayisoze yashabalala. Mina angikaze ngishintshe ngoba ngihlinzeka abalandeli. Umculo uyashintsha, kufike i-house, hip hop noGqom. Asikazi kulo nyaka kuzokwenzakalani. Abantu abahlale lapho bekhona bengathuswa ubala,” kusho uL’vovo.
Ingoma yalo mculi itholakala ezitolo zomculo nakuma-iTunes.
“Ngesonto lokuqala kuSepthemba ngizokhipha i-albhamu ngemuva kweminyaka emine ngikhipha izingoma ezihamba ngazodwa. Ngizoyiqamba ngithi Indlovu ngoba ngingowakwaNdlovu futhi akukho ndlovu yasindwa umboko wayo. Kukhona uKwesta, Mpumi, Tipcee, Beezory, Danger nabanye.”