ISILOMO somsakazi woKhozi FM,uKhathide “Tshatha” Ngobe, sithi amaqembu engoma kumele ahleleke ukuze izochuma.
Lo msakazi, owethula uhlelo iWoza Nabangani Bakho ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto noSelby Mkhize, uthe ingoma ineqhaza elikhulu emphakathini.
“Kudingeka ukuthi ihleleke njengasebholeni. Noma (iqembu lebhola) lingakafiki esigabeni esiphezuku kodwa lihlelekile. Kunososeshini kusuka emaligini amancane. Nasengomeni kufuneka into enjalo ngoba iyathandwa,” kusho uTshatha.
“Ingoma iyaziqoqa izinsizwa nezintombi. Abantu bayo bayakwazi ukuziqoqa. Akuvamile ukuthi babe yizidakwa ngoba ifuna umuntu ojimile. Kumele abaphathi nezikhulu ziyifakele amehlo, zibuke ukuthi yini ezingayenza ukuyithuthukisa ngoba yinto yabantu abasha, bayayithanda futhi ingaba yindlela yokuxosha ikati eziko.”
UTshatha ukhuluma kanjena nje, ngoMsombuluko uzoba nomcimbi iTshatha Music Fesitval eMona Sports Field, KwaNongoma.
Uthe zizojika izinto emcimbini kulonyaka njengoba bengeke babe nabaculikodwa bazoba namaqembu engoma.
“Imali isishayile kulo nyaka.Abaxhasi basakhala ngomthelela weCovid-19. Kodwa ngesikhathi siqala ingoma kwakumele ibe khona bese kuthi ntambama kube abaculi. Sagcinesenze abaculi kuphela. Kulokhu ingoma izothola ithuba, bese kuthingokuzayo kuxutshwe konke,” kuchazauTshatha.
Uqhube wathi amaqembu azodlala ngawasezindaweni ezakhele isifunda iZululand, okuyisoLundi, Nongoma, Phongolo, Vryheid naseDumbe.
“Sixhumane namagosa kwaba yiwoasitholela amaqembu. Yiwo akhethayo ngoba ingoma ihlukene. Kukhona isibhaca, isigekle nesishameni. Asikho isiteki kodwa amaqembu azothola imali yokuba yingxenye. Simemefuthi nosomabhizinisi ngoba ingoma ijwayele ukuxhaswa yibo.”
Uthe umcimbi, oxhaswe wuMasipala waseZululand, uzoqala ngo-9 ekuseni kuze kube wu-5 ntambama futhi kungenwa mahhala.