UZIBONA engene ezicathulweni zabethuli abakhulu emhlabeni uRorisang Thandekiso ozokwethula uhlelo oluthathwe phesheya kwezilwandle, iWheel of Steel South Africa.
Lolu hlelo luzokhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kuS3 ngo-7.30 kusihlwa.
Esiqeshini ngasinye kulolu hlelo kuzobonakala abathathu abazozama inhlanhla yokuginqa isondo elinomcibisholo.
Kuleli sondo kukhona imiklomelo ehlukene okubalwa kuyo imoto nemali.
Umcibisholo yiwona oshoyo ukuthi ohlabene uzohamba nani ngalolo suku.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yalolu hlelo, uRorisang uveze ukuthi wayengacabangi ukuthi ngelinye ilanga uyonikwa uhlelo olukhulu kangaka.
“Ngizizwa ngithobekile ukuhamba ezinyathelweni zozakwethu abahlonishwayo emhlabeni abethule lolu hlelo emazweni ahlukene angaphezu kuka-40. Okungenza ngijabule nakakhulu ukuthi ngibe owokuqala ukulwenza kuleli, lokho kimi kuzohlala kuwumlando. Sengikubheke ngabomvu ukuhlangana nabantu abahlukene abazoba yingxenye yalolu hlelo nabazozama inhlanhla ekutheni baginqe isondo bese beziwinela noma yini lowo osuke eliginqile esenhlanhleni yokukhombekile,” kusho uRorisang.
Uthe lolu wuhlelo lobumnandi futhi ngalo balindele ukuthi lulethele abakuleli injabulo ezobenza balujabulele nsuku zonke.
“Ngiyazibona ukuthi ngiyakhula nsuku zonke. Uma ngibheka ukuthi ngingene kulo mkhakha ngethula izinhlelo zezingane, manje sengizibona ngila ngikhona kungenza ngibone ukuthi kukude la ngiya khona. Wumkhakha lo ongelula kodwa mina ngikwazile ukuthi ngingene kwithelevishini nasemsakazweni nokuyiphupho likanoma ubani ofuna ukuba kulo mkhakha,” kuchaza yena.