UCELE imikhuleko ezinkundleni zokuxhumana uZanele Mbokazi osesibhedlela njengoba ngeSonto eveze ukuthi sekuphele izinsuku elwa nokugula okukhona kukho isibhobo aphinde ashelwe izwi.
UZanele owenza uhlelo Eshilo emsakazweni Ukhozi FM, uveze ekhasini lakhe kuFacebook ukuthi ugule kanzima ekuseni ngeSonto esemsebenzini.
“Hhayibo! Ngaze ngagula ekuseni. Iqiniso lithi anginawo umkhuhlane. Kusuka ngeSonto eledlule ngilwa nesibhobo, izwi elishayo libuye livuleke.
“Namhlanje ngize emsebenzini ngoba ngingcono, isibhobo bese sithulile, futhi nezwi selibuyile, weeeeeeee kwaqala phansi.
#ThandazaniBazalwane base #Eshilo, UJehova wethu indoda yempi. Akehluleki” kubhala uZanele.
UNonjabulo Mdluli wenkampani iMirror PR, uthe uZanele uqale ukugula kusuka ngo-Ephreli 21.
“Wafika emsebenzini ekuseni wangakwazi ukusebenza ngenxa yokugula uhlelo lwabanjwa uMaMkhize Ndlovu. Wayephethwe isibhobo esibi kodwa ekuhambeni kwezinsuku wazizwa esengcono. NgeSonto ubuyelile emsebenzini ezizwa esephilile kodwa uthe efika ukugula kwaqala phansi, iphimbo lakhe lahoshozela kakhulu, nomoya ewudonsa kanzima kwaba sengathi unephika. Kodwa kukhona konke sibonga imikhuleko evela kubefundisi abehlukene nabazalwane nemiyalezo ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uNonjabulo.
Uthe ithemba abanalo kuNkulunkulu bayazi uzolulama uZanele.
Uthe uZanele okwamanje usathola usizo esibhedlela abangeke basidalule.
Ekhasini lakhe abalandeli bazwelane naye, bathembisa ukumkhulekela kulesi simo abheke naso.
UNtokozo Myeni uthe: “Ubagade sisi labo bantu abalungile, naku-BK nabanye kwaqala kanje.
“Ngempela asifuni ngawe, ungamane usiyeke leso sikhundla kunokuthi silahlekelwe uwena”.
UNtokozo Tshapa uthe: “Sikhulekela ukuthi uJehova akusindise Zanele Mbokazi. Ngizwile ohlelweni lwakho ukuthi iphimbo lakho aliphilile”.
UNozipho Makachwane Jobe Lihle uthe: “Kodwa mama ngiyazibuza ukuthi wabuyelelani lapho, ululame bo.”
UNinny Mbelu uthe: “Jehova phambana nabaphambana nathi, ulwe nabalwa nathi”.