IMEYA entsha kuMasipala waseMzinyathi, uNkk Thembisile Mchunu, ithe luzoba seqhulwini udaba lokushoda kwamanzi kulo mkhandlu.
UNkk Mchunu oyiMeya ye-IFP bese ebambe kulesi sikhundla isikhathi esingangenyanga ngemuva kokuthi iqembu lixoshe uMfundisi Petros Ngubane.
Egcotshwa uNkk Mchunu ubonge i-IFP ngokumethemba ngalesi sihlalo.
“Into ephezulu ohlwini lwezinto engifuna ukuzisebenza udaba lwamanzi. Ngifuna umkhandlu uthole umbiko omuhle kumncwaningi mabhuku, nalo lolu okuwudaba engifuna ukuthi lungasetshenzwa abathile kuphela kodwa kube yibona bonke abasebenzi kanjalo namakhansela. Ngithanda nokubonga bonke ubuholi beqembu ngokunginika umsebenzi wokuhola umkhandlu, engizokwenza ngokuthembeka,” kuchaza imeya.
Isikhundla sokuba yiphini leMeya sinikwe uNksz Maria Zungu naye ongowesifazane.
Kulo mkhandlu kungokokuqala ukuthi kube nemeya yesifazane nephini layo, abathe kungumlando.
Ngesikhathi ebekwa kwesokuba ibamba lemeya kulo mkhandlu phambilini, uNkk Mchunu waveza ukuthi zonke izinkinga ezikhona emphakathini uzimisele ukubhekana nazo.
“Ngikulungele ukubhekana nazo zonke izinkinga, nezinto umuntu okumele azenze njengoba ngibekwe kulesi sikhundla. Ngizinikele ukuhlonipha umphakathi ukuze sigcine isithunzi somkhandlu sisihle kubantu futhi nathi basihloniphe. Ngiyakugcizelela ukuthi umphakathi iwona okumele siwubeke phambili kukho konke esikwenzayo,” kuchaza yena.
Kwenzeka lokhu nje i-IFP kulindeleke ukuthi ibeke ngokusemthethweni iMeya yaseNkandla uNkk Nonhlanhla Nzuza, eyathatha isikhundla ngemuva kokushona kowayeyiMeya uMnuz Mbhekiseni “Bhejane” Biyela.
EMajuba nakhona kulindeleke ukuthi kwenzeke esifanayo njengoba kuzobekwa iMeya entsha uMnuz Thembelihle Mthembu, osabambile ngemuva kokuthi kususwe uMntwana uNdabuko Zulu.