OMAKHELWANE bomlingisi wodumo kwiTsotsi neThe River, uPresley "Cobrizzi" Chweneyagae, bathi ukuwa kwalo muthi omkhulu kushiye intsha yasePhola, eRamosadi, eMahikeng, eNorth West idukuza ebumnyameni. Izindaba zokushona kukaCobrizzi ziqinisekiswe yinkampani abengaphansi kwayo, iMLA, izolo ekuseni kodwa yangayithi vu eyembangela yodlula kwakhe emhlabeni.
Esitatimendeni esisatshalaliswe emithonjeni yezindaba, iMLA ithe yize kukhalwa ngokushona kwaleli qhawe kodwa kugujwa ukukhanya elikulethile.
Omunye womakhelwane okhulume kwiNewzroom Afrika uthe ukuhamba emhlabeni kukaCobrizzi kufane nokucisha kwesibani ebesikhanyisela intsha.
"Ukuzwa izindaba zokushona kwakhe kugqeme isizwe ingozi engeqiwa ntwala. Ngizomkhumbula kakhulu ngezindawo abezilingisa, ikakhulukazi kwiTsotsi ngoba wawinela izwe indondo ye-Oscar. Indlela abekhuluma ngayo beyenza ulimi lwesiTswana luphenduke imfashini. Ubenikeza intsha yangakithi ithemba lokuthi naseMahikeng bakhona abasengahamba ezinyathelweni zakhe. Ubeyisibonelo esihle entsheni," kusho umhlali wakule ndawo.
Esinye isakhamuzi sakule ndawo sithe bashaqekile ngokushona kwalo mlingisi ngoba bebengakazitsheli ukuthi usezobashiya.
"Sizomkhumbula ngokubeka iMahikeng ebalazweni lomhlaba." Ngokusho kukamzala kaPresley, ocele ukungadalulwa ngoba akaqokiwe njengozokhulumela umndeni, izindaba zokushona kwaleli qhawe umndeni uzizwe ngonkosikazi walo.
Umzala, ekhuluma neThe Guardian, uthe unkosikazi kaPresley ufonele umndeni izolo ngezithuba zawo-1 ekuseni ethi umyeni wakhe akasekho emhlabeni. Unina kamufi namanye amalungu omndeni bavuke kwasala kwasa balibhekisa emzini walo mlingisi ePitoli beyozwa ukuthi kwenzekeni.
UCobrizzi ubengahlonishwa kuleli kuphela kodwa nasemazweni angaphandle ubethulelwa isigqoko ngekhono lakhe. UCobrizzi waqanjwa wunina, u-Agnes Keagile, ngoPresley ngenxa yokuthi wayezifela ngengwazi yomculi waphesheya engasekho, u-Elvis Presley.
Wayengazi ukuthi nendodana yakhe izoduma yaziwe umhlaba wonke. Uqale ukugqama ngesikhathi ifilimu ayelingisa kuyo indawo eqavile, esihloko sithi Tsotsi, idla umhlanganiso kuma-78th Academy Awards emunxeni we-Foreign.
Kusukela lapho lo mlingisi akabange esabheka emuva. Ugcine eselingisa emidlalweni yethelevishini, eyeshashalazi nasemafilimini amaningi okubalwa kuwo iNumber Number, Zama Zama, Cobrizzi, More Than Just a Game, State of Violence, Africa United neSolomon Mahlangu. Phakathi kosaziwayo abashaqekile ngokushona kukaCobrizzi kubalwa nozakwabo ayelingisa naye kwiTsotsi, uTerry Pheto.
Uthe ushaqekile futhi zimphathe kabi kakhulu izindaba zokudlula ngokuzuma kukaCobrizzi.
"Sibe nesikhathi esingasoze salibaleka naye ngesikhathi sihlabana nge-Oscar. Umzuzu oyohlala kuze kube ngunaphakade. Sengathi umphefumulo wakhe ungaphumula ngokuthula," kusho uTerry.
Nabamaqembu ezepolitiki abafunanga ukusala ngaphandle ekubhongeni emswaneni. Kubona kukhona uNobhala-Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, noweMK Party, uMnuz Floyd Shivambu. I-EFF ne-IFP bakhiphe isitatimende bedlulisa amazwi enduduzo ngokuwa kwalo muthi omkhulu.
Ushona nje ngo-2023 wayekwababephenywa wuphiko iSIU ngokubhubhudlwa kwemali ebalelwa kuR67.5 million yeNational Lottery, eyafakwa enhlanganweni ayeyinxusa layo, iSouthern African Youth Movement (SAYM).
Ngale mali kwakuhloswe ukufukula abafelokazi abahluphekayo baseMarikana. Abanye ayesolwa nabo ngo-Arthur Mafokate noTerry ebese beqalile ukudlelwa impahla. Ngawo futhi lo nyaka ubuye wafakwa enkantolo ngunina wengane yakhe eneminyaka engu-18 emsola ngokuthi akayondli, ubesekweleta uR58 000.