ISIHLOKO: Uyayiphika Yini?
UMCULI: Umzukulu KaShafuza
UHLOBO: Maskandi
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
UPHIWEYINKOSI Thandelani "Umzukulu KaShafuza" Ngubane udlondlobala ngempela emculweni kamaskandi.
Uma enganikezwa ithuba emisakazweni nasemicimbini, nomakanjani uzogcina esekhonya kulo mculo.
Uma ungalalela ingoma ethi Bayefana, uzokholwa ukuthi ngisho ngani. Kule ngoma uMzukulu KaShafuza (21) ukhiphe amangwevu. Uvele wangikhumbuza uyise omncane ongasekho, uMjik'jelwa "Ichalaha LikaShafuza" Ngubane, kuma-albhamu aMangcukumane.
UMzukulu uphinde wangihlaba umxhwele ngengoma ethi Malambane. Ngokwami isihloko se-albhamu besingaphuma phakathi kukaBayefana noMalambane.
Yize zimnandi zonke izingoma eziboshelwe lapha kodwa yilezi ezingigeze kakhulu ubebebe. Le eyisihloko imnandi impela kodwa kufudunyezwe isigqi sekaMjik'jelwa engomeni ethi Mkhululi Wami, nayo eyathekelwa kweyeThe Soil ethi Mkhuluwa.
Lo mculi wasesigodini sakwaJikijiki, KwaMaphumulo, ufuze uMjik'jelwa cisho ngokuningi kusukela ephinjeni kuya esigqini.
Angazi ngobani ebebemnyanyisile aze abahlehlise kabuhlungu kanje ngengoma ethi Ufunan' Enganeni. Ugadla ensizweni enomkhaba nasentokazini enesishwapha. Usawoti usuyozizwakalela wona ekudleni. Ngiyithandile neyothando esihloko sithi Dali Ngenzeni.
Ngichazwe yisigqi sakhona kodwa ayifiki kwethi Ukataliya. Akuculwanga kodwa kucikoziwe kuleli culo.
Engomeni ethi Ngihamb' Amazwe, okaShafuza ubonga uMdali, abakwaNgubane nabakwaDladla.
Ngesikhathi ngilalele ingoma ethi Sawubona Kufa, ngizwe izinyembezi zigcwala amehlo. UMzukulu ubalisa ngokushona kwamalungu omndeni wakubo.
Ngosuku okuphume ngalo le-albhamu, uMzukulu ubefihla ingane yakhe ebingakaqedi nenyanga izelwe. Ulale ngenxeba Mbovu, alwehlanga lungehlanga.
Ezinye izingoma engizithandile ngezithi Yin' Ukhethe Yena nethi Welcome Weekend.
Engingakucebisa uMzukulu ukuthi ungakunqeni ukupika nabanye abaculi kwezinye izingoma, abashaya omunye ushuni ukuze i-albhamu yakhe ingagcini seyiyinto eyodwa.
Kubuye kucike ukuzwa iphimbo elilodwa. Ngingakujabulela ukuzwa ingoma ebophele Igeza LakwaMgube neGcokama ukuze abantu bakhumbule Ondabuzekwayo.
Sengiphetha, uMzukulu akasekho emavukaneni kodwa usezifake shiqe emakhosini ngale-albhamu. Wenzise okukaMjik'jelwa, owafika kuvimbanise uMgqumeni neNdidane, wangena phakathi kwabo.
Wagcina esekhonya kumaskandi. Ngakho uMzukulu uwumthente ohlabe usamila.