UMREPHA waseMnambithi uSbusiso ‘Ghetto Child’ Vilakazi uthi unesifiso sokubhalela abaculi bakuleli abadumile izingoma.
Lo mrepha ozinze eHammarsdale wodumo lwengoma i-Top Floor, ubona kunesidingo sokuthi abanye babaculi babhalelwe izingoma ngoba banezwi kuphela, ubuciko abukho.
UGhetto Child uzibona ekulungele ukwenza lokhu njengoba eseneminyaka eyeve kwelishumi aqala ukucula iHip-Hop.
“Eminyakeni emihlanu kuya kwelishumi ezayo ngizibona ngibhalela abaculi abadumile izingoma. Kunabantu abadume ngendlela emangalisayo kodwa uthola ukuthi abakwazi ukubhala izingoma.
“Akulona-ke ihlazo ukungakwazi ukubhala ingoma uma ungumculi, inqobo nje uma unezwi elimtoti.
“Sike sibone naphesheya abaculi abafana noChris Brown bebhalelwa i-albhamu yonke, manje ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi nathi lana eMzansi siqale into ekanje,”kusho yena.
Ekhuluma ngohambo lwakhe kwezomculo uthe useke wasebenza nabaculi abafana noTelleman.
Uthe kumanje kunecwecwe elishisa izikhotha alikhipha ngomhlaka 12 Julayi elisihloko Top Floor nandlalela ngayo i-albhamu azoyikhipha maduze.
“Izinhlelo zami zakulonyaka ukukhipha i-albhamu maduze, njengamanje ngizokhipha umusic video wengoma iTop Floor, abantu bengayilindela kwikhasi lami lakuYouTube,” kuphetha yena.