ISILOMO somculo kamaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose asigcinanga ngokuqhulula amanoni esaziwa ngawo kodwa siphinde sabadida nangokotini abebethamele umgubho waso weminyaka engu-15 sangena emculweni eCarnical City, eGoli, ngoMgqibelo ebusuku.
UKhuzani ungene esiteji elenga phezu kwezethameli. Okunye okuthathe abantu yimiswenko abeyifakile.
Utshele leli phephandaba ukuthi ubegqokiswe wumsiki waseThekwini uFreddy Ngema.
“Ingqephu leya ithatha esitayeleni samazwe aphesheya hhayi alapha njengeciko lamazwe omhlaba. Inhloso yokwenza lokho wukuthi ngiwuKhuzani owumculi wamazwe omhlaba hhayi walapha ekhaya ngakho ngisho indlela engibukeka ngayo kumele ikunike umqondo wokuthi ngiwumuntu ohlukile ongasagcini nje kuphela ngokuculela abaseduze,” kusho uKhuzani.
Uthe indlela umcimbi ohambe ngayo kuze kwedlulela kunendlela abeyilindele ngendlela abantu abameseke ngayo. Amathikithi abedayiswe aphela. Uthe bekuqoshwa obekwenzeka futhi bazomemezela ukuthi obengekho uzokubona kuphi.
Emcimbini uphinde wabonga uShobeni Khuzwayo weZingane Zoma okuwuye owamvumbulula emculweni. Umgixabeze ngesheke luka-R100 000.
“Ngokujwayelekile abantu abavumbulula amaciko abahlonishwa kunalokho oveze iciko kwaziwa ukuthi uba yisitha. Ngiwumculi wokuqala ukubonga owamveza. Baba yisitha uzwe kuthiwa ubani wadla imali yami ubani wenza lokhu. Abanye bafuna ukugqama uma umuntu engasekho esetatazela ngokwenza umngcwabo omkhulu.”
Uthe ufikelwe wumunyu ngesikhathi abalandeli bakhe, ababizwa ngeBlue Nation, bemupha isipho esiwumfuziselo wakhe.
“Ifikise umunyu ngoba akuvamisile ukuthi umuntu abe nomfuziselo esaphila. Kungifikisele umunyu ukuthi iBlue Nation iingihloniphe ngisaphila ngisakwazi ukubona ngisakwazi nokuzibongela. Abanye abalitholi ithuba besaphila. Wumlando lona. Ngizowusa ekhaya futhi ngisazohlela ngokubonisana nomndeni ukuthi uzoba kuphi nendawo,” kusho uKhuzani.
Uthe umcimbi uzohlala ukhona ube wumgubho wanoma yini abafuna ukuyigubha njengeBlue Nation nokuyingakho ewethe ngokuthi yiBlue Nation Fest.
Uphinde akusho kuleli phephandaba phambilini ukuthi ufuna ube yisikhwama esizosiza abahlwempu ikakhulukazi izitshudeni ezingenawo amandla okuya ezikoleni.
Uthe umcimbi uzoba sezindaweni ezahlukene.
“Sizohambela izifundazwe siye eKapa, koThekwini nakwezinye izindawo. Kumanje ikhonjwa eThekwini. Kuzophawula abantu ukuthi bayifuna kulo nyaka noma nini. NeGoli ngeke sililahle.”