INDODANA kaMjik'jelwa "Ichalaha LikaShafuza" Ngubane ngokozalo, uPhiweyinkosi Thandelani ,"Umzukulu kaShafuza" Ngubane, izimisele ngokuhamba ezinyathelweni zikayise.
Umzukulu KaShafuza (20) wasesigodini sakwaJikijiki, KwaMaphumulo, useqalile ukuzakhela ugazi emabhinceni. Lo mculi ushisa kakhulu izikhotha ngengoma ethi Akasangifuni nethi Isikhathi Sami. Uthe ungene emculweni ngo-2019, emuva kokudlula emhlabeni kukayise ophakathi, uMjik'jelwa.
"Ngangiwumuntu othanda izigingci. Emuva kokudlula kukaMjik'jelwa, ngabe sengenza i-video ngicula ngaye. Yabe seyisabalala ezinkundleni zokuxhumana, ayithokozela kakhulu amabhinca, echazwa yiphimbo lami. Lowo nyaka kwakuwu-2019, engagcina ngingene ngawo emculweni," kusho indodana kaHlulokwakhe Ngubane noGuqephi Dladla.
UMzukulu KaShafuza uqale ukuqopha nge-albhamu esihloko sithi Ngawe Chalaha ngo-2019, maqede walandelisa ngeyesibili ethi Inkawu Ngenja ngo-2022.
Uthe isifiso sakhe ukuthi umculo kamaskandi ubuyiselwe ezimpandeni zawo ngokuthi kugxilwe ezingomeni ezinomyalezo owakha isizwe.
"Udinga ukukhuliswa futhi uthuthukiswe ngoba yiwo oveza ubuthini nokuthi singobani kwezinye izizwe."
Eqhuba, uMzukulu KaShafuza uthe usathungatha umuntu ozomphatha futhi akhangise ngekhono lakhe kubahleli bemicimbi ukuze naye akwazi ukuziphilisa.
UMzukulu KaShafuza ukhulele eNtembisweni lapho eqale khona ukufunda eNtandoyethu Primary naseCandabuthule High. Umculo uwushebe nemfundo waze waliphothula ibanga leshumi (Grade 12). Ebuzwa ukuthi ufuna ukufundela muphi umsebenzi, uthe akakazi ngenxa yokuthi esakhula wayezimisele ngokugcina ebe yiphoyisa ukuze anqande ubugebengu eNingizimu Afrika.