IQEMBU lesicathamiya lakwaNongoma, iRoyal Messengers, lidle umhlanganiso ngemeplasonto koweNdwedwe Annual Isicathamiya Competition, eJohnny Makhathini Hall.
IRoyal Messengers edume ngamanoni ambalwa njengelithi Dear Msakazi, nelithi Iyangidina Lento, iqwaqwade wonke amaqembu ebiqhathwe nawo eminxeni emithathu, kubangwa isiteki sikaR150 000.
UMbhekiseni ‘MaSurprise’ Khumalo, umholi weRoyal Messengers, uthe baphume phambili emikhakheni emithathu futhi ebihlolwa ngamajaji ahlukene. “Bekuhlangene wonke amaqembu kacothoza,” kuphetha uMbhekiseni.
Emkhakheni wesiteki sikaR10 000, iRoyal Messengers ihlule iNdwedwe Perfect Boys engene isibili, iVela Brothers ephume isithathu, iNombika ephume isine nePomeroy Golden Stars elale isihlanu. IRoyal Messengers iqhubeke lapho igcine khona nakumunxa kaQhudeqhude obunesiteki sikaR10 000, yaqumba phansi iNdwedwe Perfect elale isibili, iZulu Messengers ebe ngunombolo wesithathu, iNkululeko engene kunombolo wesine, neNdwedwe Original elale isihlanu.
Emncintiswaneni obubhekwe ngamehlo abomvu futhi obekubangwa kuwo isamba sikaR120 000, ikuphindile lokho iRoyal Messengers yawaqwaqwada wonke amaqembu ebidlana nawo imilala. Abafana BamaSurprise, okuyigama ebuye yaziwe ngalo iRoyal Messengers, badlule kwiJames Black Birds ephume isibili, iXolo Can't Get elale isithathu, iPomeroy Gordon Stars ephume isine, Umkhumbane ephume isihlanu neNdwedwe King Boys elale isithupha.