"AYIKHO into esiphathe kabi njengamahlebezi okuthi silala nobaba wethu, uDJ Tira futhi sikhulelwe. Bekubuhlungu ngoba besingakwazi ukuphikisa abantu ngoba bekusuke kuyimibono yabo," kusho uVirginia Qwabe wamaQ Twins. La mawele (25) aKwaDukuza, odumo lwengoma ethi Ngilimele nethi Hamba, achaze abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi etheleka eMkhosini woMhlanga obusesigodlweni eNyokeni KwaNongoma ngoMgqibelo owedlule, ethwele umhlanga futhi eveze amabele.
UVirginia nodadewabo, uViggy, bathe nakuba bebevamisile ukuya eMkhosini woMhlanga kodwa kulo nyaka bekusemqoka ngoba bebefuna ukugeza amagama abo emphakathini. NoDJ Tira uthe yize bekumphatha kabi obekushiwo ngabantu kodwa akukho abengakwenza.
"Ziningi izinto ezibuhlungu ezishiwo ngabantu ezinkundleni zokuxhumana, umuntu angeke aphika nazo. Ongakwenza wukuphila impilo yakho ngendlela engcono kuwe," kusho uTiraUViggy uthe okubenza babe msulwa wukuthi bahlale bezibekela umgomo uma bethatha izinqumo ekuqaleni konyaka.
"Ngenxa yokuthi siyazazi ukuthi sifunani nokuthi siphokophelephi, sihlale sibhala phansi izifiso zethu. Sikubhala phansi nokuthi imizimba yethu kayisoze yathintwa ngabantu besilisa."
Uthe baningi abantu besilisa abahlale befuna ukubalinga mihla namalanga kodwa babachithe ngoba bazibophezela ngokuzigcina beyizintombi kuze kufike usuku lomshado.
Bathe bona baya njalo ukuyohlolwa ubuntombi ekupheleni kwenyanga.
Ukuhlolwa ubuntombi babo bathi kwaqala beseneminyaka elishumi kodwa baze baya eMhlangeni sebenewu-16 ngenxa yokubukela kudadewabo omdala.
"Kwaba yisinqumo esazithathela sona ngale kokuphoqwa futhi siyajabula ngaso. Ekuqaleni sasikwenzela ukujabulisa kodwa sithe uma sikhula sabubona ubumqoka bakho," kusho uViggy.
UVirginia uthe bazoqhubeka nokuhlolwa ubuntombi futhi baye eMkhosini woMhlanga baze bathole amadoda aqotho.
Uthe enye inhloso wukukhuthaza amatshitshi angosaziwayo ukuba azibambe ziqine futhi angavumeli izilingo ziwakhube endleni yawo yokuzigcina.
"Udumo kalulula neze ngoba kulula ukulingeka. Kodwa singazikhuthaza izintombi ezisakhula ukuthi wungaba wusaziwayo kodwa uqhubeke nokuba yitshitshi. Siyaziqhenya kakhulu ngalolu hambo esaluthatha ngoba lusivikele," kusho uViggy.
Ebuzwa ngomsebenzi womculo, uViggy uthe bamatasatasa balungisela ukukhipha i-EP yabo ngoNovemba ezobe igabe ngomucu wabo wakamuva osihloko sithi Shona Welanga.