UMSAKAZI weMetro FM uDJ Sabby noHope Mbhele ngesikhathi kwethulwa amaMetro FM Music Awards eThekwini ngoDisemba
Image: X/Metro FM
NAPHEZU kokuthi amaqembu ezepolitiki ezwakalise ukukhathazeka ngoxhaso luka-R20 million lwamaMetro FM Music Awards eThekwini nonyaka, amalungiselelo ayaqhubeka njengoba ngoLwesine kuzomenyezelwa abaqokiwe.
Ukukhala kwamaqembu aphikisayo kuvele ngesikhathi kukhulunywa indaba yokuthi imiklomelo izoxhaswa ngo-R20 million ngonyaka, kwemithathu ezosingathwa ngayo kuleli dolobha.
Ngokombiko weMercury, bekukhulunywa ekomitini lokuThuthukiswa koMnotho kuMasipala weTheku lapho ikhansela le-ACDP libuze khona isizathu sokuxhaswa komcimbi ngale mali.
UMengameli weThekwini Ratepayers and Residents Association, u-Ish Prahladh, uthe yimali ebingasetshenziswa kangcono ekuletheni izidingo zomphakathi.
Okhulumela uMasipala weTheku, uGugu Sisilana, ucashunwe ethi umkhandlu wakuphasisa ngonyaka odlule ukuthi imiklomelo ixhaswe.
Uthe kwakukhona u-R10 million, kwayalelwa umphathi wemali yomkhandlu ukuthi athole omunye.
Kulezi zinsuku esiteshini kukhulunywa indaba yokuthi abaqokiwe bazomenyezelwa ngoLwesine kusuka ngo-6 ntambama.
Ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto olusakazwa nguDJ Sabby noCandice Coulsen bekuphushwa eyalo mcimbi nokuthi imiklomelo izoba ngo-Ephreli 25.
AmaMetro FM Music Awards agcine ukuba seThekwini ngo-2017 lapho abanqobile babehlomula khona ngo-R100 000.
Ngalowo nyaka kwakhonya umrepha uNasty C esaqopha enkampanini iMabala Noise nokwasusa okukhulu ukukhuluma.
Wahlabana ngezindondo ezine iBest New Artist, Best Male Album, Best Hip Hop Album neSong of the Year ngengoma iHell Naw.
Related Topics: