Ezokungcebeleka Umculo

UYazo uzojabulisa abaseThekwini ngokugiya ngo'Bhoko’

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI we-Afro pop uMnqobi Yazo uzojabulisa abantu ngomcimbi othi Ubhoko Tour ePlayhouse, eThekwini ngenyanga ezayo

Image: SITHUNYELWE

UMCULI ongaconsi phansi kubalandeli be-Afro pop, uMnqobi Yazo usedalule ukuthi ukubheke ngamehlo abomvu ukujabulisa abalandeli bomculo wakhe bangakubo ngochungechunge lwakhe lomculo KwaZulu-Natal.

Leli dili lomculo, aqale ukulenza eGoli nyakenye alibiza ngelithi Ubhoko Tour, kumanje usevele ukuvothondaba ngamalungiselelo alo njengoba liza ePlayhouse, eThekwini, ngoMgqibelo ngoMashi 14, kusuka ngo-6 kusihlwa.

Engxoxweni neSolezwe ngalokhu, uMnqobi uthe bekuvele kuwuhlelo lwakhe kusukela ekhipha i-albhamu yakhe ethi Ubhoko ngo-2024 ukuthi enze uchungechunge lwemicimbi yokuyimaketha nokujabulisa abalandeli bakhe ngokunandisa ngokucula bukhoma.

“Yingakho ngijabule kangaka manje ngokuthi ngizoqhubeka ngasekhaya eThekwini, okuyilapho bebaningi khona abantu abathanda nabalandela umculo wami, futhi nje sengikubheke ngabomvu ukuthi kufike lolu suku bese ngibenzela into yamehlo, engazi nengithemba ukuthi bazoyithakasela kakhulu ngosuku lomcimbi,” kusho uMnqobi.

Eqhuba, uthe kulo mcimbi okumanje amathikithi awo akhona eWebtickets ngo-R250 kuya ku-R400, ulindele ukuthi kubuthane abantu abangaphezu kuka-1 200, nabheke ukuthi kube yimpumelelo ngoba bakhombisa isasasa ngawo kusuka ewumemezela.

“Ngiyakuqinisekisa nokuthi abantu bazojabula kakhulu futhi ngeke bakhalele isikhathi nemali yabo. Ngizobe ngingahambi ngedwa kulo mcimbi, kepha bakhona ozakwethu engisebenze nabo ezingomeni zami ezithile nengifihle induku emqubeni ngokuthi bawobani ngoba ngifisa ukuthi abantu bamangale kahle ngalokho ngosuku lomcimbi,” usho kanje.

Udalule nokuthi ngale kwezingoma ezikwi-albhamu ethi Ubhoko, zikhona nezinye azozicula ezicaphuna kwamanye ama-albhamu akhe ukujabulisa wonke umuntu othanda umculo wakhe, ehambisana nebhendi yamalungu amane azobe emlekelela esiteji.

“Ngale kwalokho ukhona umculo engiwuphekayo engizolokhu ngiqhubeka ngijabulisa abantu ngawo ngokuqhubeka kwesikhathi, kanti futhi uma sisuka lapha eThekwini - ngihlela ukuqhubekela eKapa bese ngiphindela naseGoli lapho engiwuqale khona,” kusho yena.

UMnqobi Yazo igama lakhe lokuzalwa wuLindokuhle Mnqobi Msimango. Ugqame emculweni ngezingoma zakhe ezithi Inqanawe, i-247 neKonakele. Unama-albhamu amane athi Iscephu (2020), kube Impi (2021), Ubhoko (2024 nethi Umculo agcine ukukhipha ngayo nyakenye.