UDOJA Cat ozonandisa ePitoli, okokuqala ngenyanga ezayo
Image: Instagram
EKUGCINENI, isilomo somculi wase-United States of America (USA), uDoja Cat, sizonyathela okokuqala ezweni loyisemkhulu kulandela ukumenyezelwa kwaso njengophambili kwabazonandisa emcimbini iGlobal Citizen Move Afrika eSunBet Arena, ePitoli, ngenyanga ezayo.
UDoja Cat, ogama lakhe langempela nguZandile Dlamini, uzalwa wumlingisi uDumisani Dlamini owamthola kowayengumkakhe, uDeborah Sawyer e-USA.
UDoja Cat noyise owazakhela udumo ngendawo kaCrocodile kwiSarafina, bagcina bengenabo ubudlelwano obuqinile kangangokuba lo mculi wake wachapha uyise ngenhlamba esidlangalaleni.
Nyakenye, uDoja Cat ogama lakhe ateketiswa ngalo "uDokati" nguMampintsha, kwakumele azonandisa kuleli emcimbini iHey Neighbour Festival kodwa wagcina ubhuntshile.
Kulokhu ulindeleke ukuthi abe sePitoli, ngoMashi 20.
IMove Afrika esisonyakeni wayo wesithathu, iqale eKigali, eRwanda, lapho izobuyela khona ngoMashi 17. Nakhona kuzonandisa uDoja Cat.
Ngonyaka odlule ibanjelwe eLagos, eNigeria, lapho kwakunandisa khona uJohn Legend nabanye.
UDoja Cat ucashunwe kwi-website yeMove Afrika, ethi lona akuwona nje umjikelezo kodwa umkhankaso odala amathuba omsebenzi namathuba.
“Ngiyaziqhenya ngokuba yingxenye yento egubha ubuciko be-Afrika, etshala ekusaseni futhi ekhombisa ukuthi i-Afrika ayizi kodwa isifikile,” kusho uDoja othe ngezimpande zakhe ezikuleli usesabalale ezingeni lomhlaba.
Nyakenye, uDoja Cat wajabulisa abaningi eNingizimu Afrika ngesikhathi enandisa emcimbini iGlobal Citizen Festival eNew York, edlubhe ingubo enemibala yefulegi lakuleli.
Isikhulu seGlobal Citizen, uHugh Evans, sithe bayajabula ngokusingatha uDoja Cat.
U-Evans uthe umcimbi wakha amathuba omsebenzi kusuka kwabafaka umsindo namalambu, amaciko nabo bonke abendawo ababamba iqhaza ekutheni ube yimpumelelo. Uthe badlulisa amakhono angagcini ngomcimbi owodwa kodwa azosebenza nakweminye.
Abanye abaculi abazonandisa bazoqinisekiswa maduze.
Amathikithi ayaqala ukudayisa kwabathile namuhla ngaphambi kokuvulelwa kuwo wonke umuntu ngoLwesithathu, ku-ticketmaster.co.za.
Related Topics: