U-DJ Maphorisa uveze ukuthi ukhokhele abaculi asebenze nabo enkampanini yakhe u-R8 million
Image: Sithunyelwe
UPHROJUSA womculo ohlonishwayo, uDJ Maphorisa, uthi uma inkampani iSony ingamboleka u-R1 billion nakanjani engayilungisa imboni yomculo.
UMaphorisa ukusho lokhu ngesikhathi eveza ubufakazi bokuthi ngempelasonto ukhokhele abaculi asebenza nabo ama-royalties ka-R8 million.
Ama-royalties yimali etholwa ngokudlala umculo emisakazweni, kwithelevishini, ezitolo zomculo ze-internet, ezindaweni zokudla nakwezinye.
Ngokujwayelekile ifakwa enkampanini lapho umculi eqopha khona. Inkampani ibe isithatha izindleko zayo bese ikhokhela abaculi.
UMaphorisa enkundleni yokuxhumana i-X, ufake i-video ekhombisa abekwenza kwi-akhawunti yakhe yasebhange.
Kuvele imali ehlukene iphuma kubhalwe ukuthi "Nmg Royalties". I-Nmg yinkampani yakhe yokuqopha iNew Money Gang Records.
Noma kungabhalwanga amagama ukuthi imali ibiya kubaphi abaculi kodwa abanye bahlomule ngo-R53 699.45, R195 253.48, R555 128.40 nenye imali.
Phakathi kwabaculi asebenze nabo kubalwa uXduppy, Daliwonga, Tyler ICU, Felo Le Tee nabanye.
UMaphorisa uthe yizinto okumele ngabe akazivezi lezi kodwa akunendaba. Uthe kumnandi futhi sekungokwesibili enza okufanayo ngoba ngokudlule wakhokha u-R5 million.
“U-R8 million wama-royalties okhokhwe yiNMG. Ngiyabonga kubo bonke abayingxenye yeNMG, abaculi nophrojusa ngiyabonga. Nakanjani ngizokwenza omunye umculo nani,” kubhala uMaphorisa.
Ekugcineni uthe uyayikhokha intela yakhe.
Uthe ungowokuqala emlandweni ukwenza lokhu.
Related Topics: