Ezokungcebeleka Umculo

Imvunge ngokungenisa kwe-AI emculweni

Fanelesibonge Bengu|Published

UMCULI ohlonishwayo uZakes Bantwini uphawula ngokusetshenziswa kwe-AI emculweni

Image: Sigciniwe

SEKUTHATHA imizuzwana ukwenza ingoma ekulungele ukujatshulelwa ngabantu usebezinzisa ubuchwepheshe be-artificial intelligence (AI), nokuyinto eqhubeka nokuqubula imvunge emkhakheni wezomculo.

I-AI uyitshela ukuthi ayenze ingoma ekhuluma ngani, uma izinhlamvu ungenazo, nesisigqi ofuna ihambe ngaso - kuba yimizuzwana "isadidiyela" bese ibuya nengoma ephelele.

Kulezi zinsuku ingoma kaRea Gopane ethi Suka! eyakhiwe nge-AI, ishisa izikhotha njengoba nasezinkundleni zokuxhumana abantu bekhombisa ukuyithakasela.

Uthisha womculo eNyuvesi yaKwaZulu-Natal oneziqu zobudokotela, uNduduzo Makhathini, uthe i-AI inobuhle nobubi bayo.

"La ezohlupha khona yisendabeni yemali amaciko aphila ngayo ngoba izoba yinkinga indaba yobunikazi bomsebenzi. Ababhali bezingoma bathola imali ngokuthi babhalile. Abadlali bezinsimbi bathola imali ngokuthi badlalile. Laba abakhokhelwa ngokubhala izoya kubani leyo mali? Kuzoba nomthelela nakubadlali bezinsimbi ukuthi ngeke babizwe uma kuqoshwa," kusho uNduduzo futhi ongumculi we-jazz ohlonishwayo.

Uthe ubuhle bayo wukuthi umbono wengoma ungakufikela ebusuku kuse isiphelile isiphumela ebantwini.

"Asingenzi sengathi ayikho ibe ikhona. Kumele kufakwe imigomo ezohlomulisa abantu futhi kube nesikali sokuthi ayivumelekile ukwenza lokhu nalokhu," kuchaza uNduduzo.

UZakes Bantwini, oneziqu ezifundweni zomculo nezokungcebeleka futhi onenkampani yokuqopha, uthe abaculi kumele bangayibalekeli i-AI kodwa bayisebenzisele ukwenza umsebenzi wabo ukuthi ube lula.

"Uma wenza ingoma uhlanganisa izinto ngazinye ngazinye kodwa nge-AI usuvele usho iphume ingoma isiyenziwe konke. Abaculi kumele bayisebenzisele ukuthuthukisa ubuciko babo. Akusona isikhathi sokuthi balwe nayo kodwa abayisebenzisele ukuzithuthukisa," kusho uZakes onendondo yeGrammy.

Uthe iphonsela abaculi inselelo yokuthi benze izingoma ezisho okuthile ebantwini ukuze baqhubeke nokubalandela.

"Umuntu kumele azi ukuthi uma elalela ingoma kaZakes noma umculo othile yini ayitholayo."

USikhulile "Squiks" Nzuza, ongesinye sezikhulu enkampanini yokuqopha iGamma futhi oke waba yinhloko yeMabala Noise, uthe kuyena i-AI isho ukushintsha kwesikhathi.

"Ifana nesikhathi sawo-1990 ngesikhathi kushintshwa ngokudlala umculo bukhoma kushintshelwa kumakhompyutha kusetshenziswa oFruity Loops. Ababengafuni ukushintsha basala ngoba bethi bafuna ukudlala bukhoma izinsimbi. Nakulokhu kumele bafunde ukuze bangasali," kusho uSquiks oke wasebenza nase-Universal Music.

Uthe ngeke ilwe namuntu kodwa uma uzinika isikhathi sokuyifunda izothuthukisa umsebenzi wabaculi.

"Ingoma eyenziwe yi-AI kusuka ekuqaleni uzoyizwa. Izohluka kweyenziwe wumuntu oyitshele enolwazi lomculo. Engibabona besenkingeni kakhulu ngababhali ngoba iyakwazi ukubhala ingoma. Ibhala ingoma ifake nomunyu. Uma ungumbhali wena ungayisebenzisa ukuthuthukisa umsebenzi wakho," kuchaza uSquiks.

Uqhube wathi okwamanje ngeke alisayine iciko elisebenzisa i-AI yodwa kungcono eliwaziyo umculo eliyisebenzisela ukwenza umsebenzi ube lula.

"Izoqedela kwathina umsebenzi. Njenge-A&R (Artists and Repertoire) ngiya e-studiyo ngiqondise ukuthi iciko kumele lenze kanjani nengoma ihambe kanjani. Ngifana nomqondisi emafilimini. I-AI izokunika ingoma isivele isiphelele ngakho angidingeki."

Ukhale ngobuningi bomculo wathi kumanje njalo ngoLwesihlanu emhlabeni jikelele kukhishwa izingoma ezingu-600 000.

"Uzolalelwa wubani wonke lo mculo ozovela kalula? Indlela yokulalela manje ishintshile. Ngike ngabona umculi ekhipha i-albhamu wahlala phezulu ngokulalelwa izinsuku ezinhlanu wase eyehla. Igenge entsha ilalela hhayi ngoba ingoma iyithanda kodwa ngoba isematheni," kuphetha uSquiks.