USCOOP Makhathini noPamela Mtanga ababephethe uhlelo kumaSama ngonyaka odlule
Image: Instagram
ISIKHULU seRecording Industry of South Africa (RiSA) eyengamele amaSouth African Music Awards (Sama) sithi benza isiqiniseko sokuthi akekho osala ngaphandle ngokulula ngesonto isikhathi sokungenela le miklomelo obekumele kuvalwe ngoLwesihlanu olwedlule.
AmaSama anonyaka azobe egubha iminyaka engu-32 asungulwa.
Ukungenela, okuvulwe ngoDisemba 17, sekululwe kuze kube yiphakathi kwamabili ngoLwesihlanu.
Isikhulu seRiSA, uNhlanhla Sibisi, sithe bathathe isinqumo sokwelula isikhathi ngoba bebengafuni ukushiya muntu ngaphandle.
“Abaculi abaningi nezinkampani ezizimele bajabulele amaholidi okuphela konyaka futhi izicelo zokunikwa isikhathi esithe xaxa zingene zilekanyana, iRiSa yavuma ukwelula,” kusho uSibisi.
Uthe babe no-2025 omuhle basingatha amaSama ka-31 abebukhoma nasezinnkundleni zokuxhumana.
“Manje sinomfutho futhi sikubheke ngabomvu ukuqala ngezinhlelo zamaSama 32, senze isiqiniseko sokuthi akekho osala ngemuva kule miklomelo ehlonishwayo. Sibone sinyuka isibalo semingenelo kule minyaka edlule futhi sithembe ukuthi lokhu kuqhubeke,” kusho uSibisi.
Ukungenela kuvumeleke kwabanomculo ophume phakathi kukaFebhuwari 1 wonyaka odlule noJanuwari 31 nonyaka.
Kungenelwa kwi-website yamaSama.
Kwenzeka lokhu nje, kuyavalwa kusasa ukungenela amaMetro FM Music Awards. Le miklomelo izosingathwa eThekwini iminyaka emithathu ezayo kusuka ngo-Ephreli 25.
Ukungenela kwenziwa kwi-website yawo futhi abaqokiwe bazomenyezelwa ngoFebhuwari 26.
Related Topics: