Ezokungcebeleka Umculo

Kukhetha ukhethi ngemicimbi yempelasonto yezithandani

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI kamaskandi Umafikizolo ngelinye lamaciko azonandisa emicimbini yempelasonto yeValentine's Day

Image: FACEBOOK

UMA uwumuntu okhonze ubumnandi nothanda ukuzithokozisa ngokulalela umculo, le mpelasonto eqale ngoLwesihlanu nehambisana nosuku lwezithandani  i-Valentine’s Day ingaba yithuba nesikhathi esihle kuwena sokuzijabulisa ngesithandwa sakho ngalokho.

Indaba enkulu iqale izolo edilini lezinsuku ezintathu lomcimbi womculo owenziwe ngabendawo yokudlela iBean Bag, eseMorningside, eThekwini. Leli dili liyaqhubeka namhlanje ngo-3 ntambama kuze kushaye u-10 lapho kuzonandisa khona uLinda Gcwensa noZeeyanda, bese lisongwa kusasa ngesikhathi esifanayo - kunandisa uBuyie Gold noNhlanhla Ndaba.

UMCULI we-Afro Pop uLinda Gcwensa ngelinye lamaciko azonandisa emicimbini ehlelelwe impelasonto yeValentine's Day

Image: SIGCINIWE

Khona futhi namhlanje inkampani ehlela imicimbi i-Doek on Fleek izobe yenze i-Durban All White Concert e-ICC, eThekwini kusuka ngo-4 ntambama. Lapho kuzonandisa amaciko okubalwa kuwona Umafikizolo, Vusi Nova, Langa Mavuso, Brandon Dhludhlu neMafikizolo. Amathikithi alo mcimbi akhona eComputicket naseShoprite.

IQEMBU le-Afro Pop iMafikizolo liyingxenye yamaciko azonandisa emicimbini ehlelelwe impelasonto yeValetine's Day

Image: SITHUNYELWE

Namhlanje futhi ngo-6 kuya ku-10 ebusuku umsakazo iGagasi FM uzokwenza umcimbi womculo nezingxoxo ngezothando i-LUV N U eBlack Lounge, eMhlanga, lapho kuzonandisa khona iMafikizolo, bese futhi kuba nezingxoxo ngothando, Indaba Sex Talk, ezobe yenganyelwe wu-Alex Mthiyane. Amathikithi alo mbuthano awu-R850 eWebticket.

Ngale kwalokho, umculi kamaskandi uMjolisi, Khulekani Shongwe, Afrika Cele, i-Estadio Band, Slie noDJ Sgede bakumaciko azonandisa kwi-Valentine's Picnic Ogabazini Lounge, eMthwalume, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal namhlanje ngo-6 ntambama. Kuwona kungenwa ngo-R300 umuntu ngamunye no-R600 abahamba ngababili.

Kuzobe kuyinsini yodwa kwiComedy Meets Gospel eTsogo Globe, eSuncoast Casino, eThekwini ngo-6.30 ntambama. Kuzobe kushiyelana inkundla uTol A$$ Mo, Churchboy, Justice Kubheka, Khanyisa Buni, Alphi Mkhwanazzi, Dumi Mkokstad, Xolly Mncwango noJumbo.