Ezokungcebeleka Umculo

Baqhamuke nomqondo wokuhlanganisa amaZayoni namaNazaretha

Simangaliso Ntshangase|Published

IMBONGI uZamoh Cofi nomculi uDiary bakhiphe icwecwe lezingoma ezixutshwe nobunkondlo elisihloko sithi Uyedwa U-Ameni

Image: STALLIONTAINMENT

KUVAMILE ukuthi amakholwa ezinkonzo ezahlukene aklolodelane ngoba kuyilowo nalowo ebona noma ekholelwa ekutheni yibandla akhonza kulona lihle, lisemqoka okanye nje lingcono kunamanye - okwenza ukuthi kungapheli ukubukelana phansi. 

Wukuqaphela lokho emphakathini nokushisekela ukuzama ukwenza ukuthi lesi simo sibe ngcono okwenze ukuthi imbongi uZamoh Cofi nomculi we-Afro pop uDiary, noqale kuzona izinkondlo phambilini - banquma ukungena e-studio, bapheka icwecwe ngenhloso yokwedlulisa umyalezo olwa nezenzo ezenziwa ngamakholwa nsuku zaphuma.

Laba bobabili banqume ukuzibiza ngokuthi yiSayoni noMnazaretha, bakhipha i-albhamu yomculo oxutshwe nezinkondlo esihloko sithi Uyedwa U-Ameni, egabe ngezingoma eziwu-11 neqale ukutholakala ezitolo zomculo ngoLwesihlanu olwedlule.

Elandisa ngalokhu, uDiary uthe baqale ukusebenza ngenkathi yena noCofi behlangana e-studio sikaXowla weStallionTainment, yena asebenza kusona - lapho abafike basebenza engomeni ethi Isithunywa Semali, wafika lapho umcabango wokuqhubeka.

IMBONGI uZamoh Cofi nomculi uDiary bakhiphe icwecwe lezingoma ezixutshwe nobunkondlo elisihloko sithi Uyedwa U-Ameni

Image: STALLIONTAINMENT

“Inhloso yethu ngale albhamu wukuveza nokugqamisa ukuthi ukuhlukana ngamahlelo ezinkonzo esikhonza kuwona akusho ukuthi kukhona ongcono kunomunye. Siveza nokuthi nakuba sihlukene ngamabandla esikhonza kuwona singabantu - kepha kukhona okwenza ukuthi sihlangane noma sifane ngakho kuhle ukuhloniphana nokubekezelelana,” usho kanje.

Eqhuba uthe kulo msebenzi yena ubheke kakhulu ingoma ethi Abahambayo - abayishaya noXowla, kube ngethi Ingxoxo - abayenze noKwazi Nsele, nethi Udumo - abapike kuyona uMaraza noMusiholiQ.

IMBONGI uZamoh Cofi nomculi uDiary bakhiphe icwecwe lezingoma ezixutshwe nobunkondlo elisihloko sithi Uyedwa U-Ameni

Image: STALLIONTAINMENT

Ngale kwalokho, kule albhamu basebenze nanoPretty MaSompisi, Siphiwe Black, Siya Ntuli, Nomfundo Moh, Staar Healer noNolly M - yase iphrojuswa wuyena uXowla.

UZamoh Cofi udabuka eNanda, kanti igama lakhe lokuzalwa wuZamokwakhe Gwala - bese kuthi uDiary yena wuKhanyisani Mbongwa waseMnambithi.