Ezokungcebeleka Umculo

Ukuphela kwamathikithi kukhuthaze uMzukulu emjikelezweni we-albhamu

Fanelesibonge Bengu|Published

UMCULI kamaskandi, uMzukulu osedayise wonke amathikithi omcimbi wakhe ozoba sePlayhouse, eThekwini, ngo-Ephreli 17 no-18

Image: Sigciniwe

UKUTHATHA njengesikhuthazi esimnika umfutho wokusebenza ngokuzikhandla ukuze azuze okungaphezulu ukuthakaselwa komculo wakhe uMzukulu ocula umaskandi. Lo mculi uzoba nomjikelezo wakhe eThekwini, ngo-Ephreli.

UMzukulu, odabuka oLundi, ushisa izikhotha nge-albhamu yakhe yakamuva ethi Ng'funa intozami egabe ngezingoma ezingu-17.

Le albhamu ibalwa nadlalwa kakhulu kwi-Spotify masonto onke.

"Igila izimanga impela. Yize ngesikhathi siwenza umsebenzi sasifisa ukuthi ube muhle kodwa sasingalindele ukuthi wenze ngale ndlela," kusho uMzukulu opike oZamambo Mkhize, Jumbo, Siya Ntuli, Njabulo Langa, Umfana weKhansela, Intombi yasoLundi nabanye.

Uthe lokhu kumnikeza umfutho futhi kuyamfundisa ukuthi azimisele ngaso sonke isikhathi uma enza umsebenzi ozoya ebantwini.

"Njengoba ubona ukuthi kunezingoma ezingu-17, kwakukhethwe kweziningi esasizenzile. Sisebenza ngokuzimisela futhi senza isiqiniseko sokuthi sihlale sibhukula," kuchaza yena.

Uthe ukuthakaselwa kwe-albhamu ukubona kube nomthelela omkhulu ekutheni umcimbi wokuyethula ozoba seThekwini, amathikithi awo adayise aphele. Umcimbi wawuhlelelwe ukuthi ube ngo-Ephreli 18, ePlayhouse.

Kuthe uma amathikithi aqala ku-R350 edayisa ephela, wengeza olunye usuku ngo-Ephreli 17. Nakhona usememezele ukuthi awasatholakali.

"Bayithande kakhulu i-albhamu manje abantu sebefuna ukuzoyijabulela bukhoma."

Uthe uyaqala ukwenza umjikelezo ngale albhamu yakhe yesithupha futhi uzobe ecula bukhoma emcimbini.

Uveze ukuthi bazokuqopha okuzobe kwenzeka ukuze bezokhombisa abafisa ukuza ngomuso ukuthi yini ebaphuthile.

"Abantu basakhala namanje eThekwini, ngokuthi abanelisekile ngokuphela kwamathikithi. Sizobuya sihambele nezinye izindawo. Sisazoveza usuku maduze ngomcimbi ozoba seGoli, bese sihambela nezinye izindawo."