Ezokungcebeleka Umculo

Umaskanda ududuza ngengoma abengozi eyabulala abafundi abangu-14

Fanelesibonge Bengu|Published

INGWAZI kamaskandi, uThokozani 'Somnandi' Langa, ikhipha ingoma ngengozi okwabhubha kuyo abafundi abangu-14 maphakathi nenyanga edlule

Image: Sithunyelwe

ISIGAMEKO sokudlula emhlabeni kwezingane ezingu-14 engozini yemoto zisendleleni eya esikoleni eVanderbijlpark, sithinte ingwazi kamaskandi, uThokozani “Somnandi” Langa, yakhetha ukugubha usuku lwayo lokuzalwa namuhla ngokukhipha ingoma eduduza imindeni.

USomnandi ohlanganisa iminyaka engu-54 edla anhlamvana, ukhipha ingoma ethi, Abantwana Abawu-14.

“Ngathinteka njengomzali nami ukuthi ingane uma igeza ekuseni igqoka umfaniswano, ithatha izincwadi, wonke umzali usuke enethemba lokuthi iyabuya. Nayo futhi ingane isuke yazi ukuthi iyabuya kodwa ngalelo langa abantwana ababuyanga ekhaya. Le nto ingithinte kakhulu ngaswela amandla okuzinweba ukuthi ngingaba wubani ukuze bahlonipheke laba bantwana. Abantwana abafelanga ehlazweni, bazunywe ukufa, behlelwa yisehlo sengozi bephethe izincwadi zesikole. Akukho lapho sikhuluma khona sibe namalimi,” kusho uSomnandi.

Uthe kuningi obekubhekwe kulezi zingane ukuze zingaba ngabantu abakhulu emphakathini ngomuso, wachaza abafundi njengamaqhawe okuzomele umlando wawo ungashabalali.

“Kufanele kube nento ekhulumayo noma ebhalwa phansi ngoba kumele kufundiswe abantu abasha ukuthi ngeke ungene emlandweni ngobubi. Ngeke ungene emlandweni uma ungaziphathi kahle kodwa abanjengalaba bantwana kufanele ukuthi into yabo noma ibuhlungu kanje ukuthi ekugcineni ishiye isifundo esihle kubantwana bethu abasaphila ukuthi laba bahambele kuphi. Ngithintekile njengomzali ngathi usuku lwami lokuzalwa angingalugubhi, kungcono ngivele ngikhiphe ingoma yokuhlonipha laba bantwana nokukhalisa imindeni, nabanye abafundi.”

Uthe ingoma ihamba yodwa ngoba ivuke emaminithini ngenxa yokuba wumzali onezingane ezigibela izimoto zomalume.

Uphethe ngokugqugquzela abashayeli ukuthi babekezelelane, bahloniphe imithetho yemigwaqo futhi benze isiqiniseko sokuthi izimoto zisesimweni.

“Thina sekuseduze phambili, kukude emuva. Abantwana yibona esesithembe bona ukuthi lapho esesiyilime khona indima, bazoqhubeka imizi ingafi emuva kwethu. Yikho sithinteka kakhulu ngezinto ezithinta abantwana bethu. Siyacela komalume ukuthi behlise umoya ekuseni ngoba iwalanyana likhona ekuseni. Abavuke ngesikhathi ngoba abanye bathatha izingane eziningi ekuseni. Umbona eshesha ngoba efuna ukuyothatha ezinye.”

Umshayeli wetekisi eyayithwele abafundi, u-Ayanda Dludla (22) ugqunywe ezitokisini emuva kokungasifaki isicelo sebheyili.

Ubhekene namacala angu-14 okubulala, amathathu okuzama ukubulala, elokushayela ngaphandle kwemvume yokuthutha abantu nelilodwa lokushayela imoto engathelile.

Uzobuyela enkantolo ngoMashi 5.