Ezokungcebeleka Umculo

Kucasuke abaseNigeria uTyla ewina kumaGrammy

Fanelesibonge Bengu|Published

UMCULI waseNingizimu Afrika, uTyla, ephethe indondo yakhe yesibili yamaGrammy ayinqobe ngempelasonto

Image: X

BATHUKUTHELE bathelwa ngamanzi abantu baseNigeria nabalandeli bomculi wakuleliya zwe uDavido, ngokuwina kukaTyla indondo yeBest African Music Performance kumaGrammy Awards emcimbini obuseLos Angeles, e-United States of America (USA) ngeSonto ebusuku.

Bese kungokwesibili uTyla ewina kumaGrammy njengoba ngo-2024, ahlabana emunxeni ofanayo ngengoma eyayishisa izikhotha iWater. Nakhona waqumba phansi izihlabani zaseNigeria, uBurna Boy noDavido.

NgeSonto, ubaphindile laba baculi wababhanqa no-Eddy Kenzo, Mehran Matin, no-Ayra Starr obepike uWizkid. Uwine ngengoma yakhe iPush 2 Start.

Ekhuluma emuva kokuhlabana, uTyla (24) ubonge uNkulunkulu, ithimba asebenza nomndeni wakhe.

Umemezele ukuthi i-albhamu yakhe yesibili i-A Pop izophuma ehlobo (okungenzeka ukuthi ubesho elase-USA eliqala maphakathi nonyaka).

"Ningalindela umculo omangalisayo. Izobe yehlukile. UTyla omusha. Hhayi uTyla omusha kodwa kuzobe kuyimi," kusho yena.

Uthe usekhulile njengoba aqala eneminyaka engu-21 futhi manje kunezinto ezihlukile afuna ukuzisho.

Lo mculi uhalaliselwe ngabaningi kuleli ngempumelelo yakhe.

Uhlelo lomcimbi beluphethwe wusomahlaya uTrevor Noah oselushayele iminyaka eyisithupha. Uphinde wagcizelela ukuthi bekungokokugcina eluphatha.

Ngesikhathi kuhalaliselwa uTyla, abalandeli bakaDavido nabaseNigeria, bazwakalise ilaka labo ekhasini lamaGrammy ku-Instagram.

"UDavido izolo, namuhla nangunaphakade. Mkhulu kunamaGrammy uqobo," kubhala uJolly Montes.

ULille Lilian uthe uma abamaGrammy bengazi lutho ngomculo wase-Afrika kumele bawuvale lo munxa ngoba uDavido ubumfanele umklomelo.

"UTyla uwinile kodwa uDavido unqobe izinhliziyo zethu," kubhala u-Abedie 30bg.

UDal Tris OG: "Kuningi okwenzeke esithe kodwa uDavido ubefanele ukunqoba."

UDebbieola2 unxuse bonke abaseNigeria ukuthi bangabe besalilandela ikhasi lamaGrammy.

Afrobeats star Davido. Image: Supplied Davido

Image: Supplied