UMCULI we-Afro pop uSbahle uzokhipha ingoma yakhe entsha yothando ethi Ngitshele, ayishaya noNaledi Aphiwe
Image: SITHUNYELWE
UMCULI we-Afro pop wodumo lwengoma ethi Emlanjeni, uSbahle, usedalule ukuthi ukholelwa ekutheni manje sesiphelile isikhathi sokuthi abantu besifazane bacindezeleke kangangokuthi kube yihlazo ukuthi basho indlela abazizwa ngayo ngabesilisa.
USbahle (28) waseMlaza, eningizimu yeTheku, usho kanjalo exoxa neSolezwe mayelana nengoma yakhe esihloko sithi Ngitshele, ayishaya noNaledi Aphiwe - ezoqala ukutholakala ezitolo zomculo ngoLwesihlanu lwangoFebhuwari 13.
“Lena yingoma engikhuthaza ngayo abantu besifazane ukuthi bayeke ukuzihlukumeza ngokufela ngaphakathi uma bezizwa ukuthi bashiswa wuthando lwensizwa, kepha ngithi abayiqonde nqqo leyo nsizwa - bayitshele ukuthi bazizwa kanjani ngayo,” kusho yena.
Eqhuba, uthe nakuba ekuqonda ukuthi bekwenziwa izinto ngendlela ethize ikakhulu ebantwini abakhonze nabaqhakambisa isintu, kodwa futhi ubona kungesize ngalutho ukuthi kube khona abantu abacindezelekayo - bangavunyelwa ukukhipha okungaphakathi kubona.
UMCULI we-Afro Pop uSbahle uzokhipha ingoma yakhe entsha yothando ethi Ngitshele, ayishaya noNaledi Aphiwe
Image: SITHUNYELWE
“Nanokuthi ngiyazi ukuthi umculo wami ulalelwa kakhulu ngabantu abanjani futhi abenza izinto ngayiphi indlela, ngakho nakuba kungaba khona abangawuzwa umyalezo engizama ukuwudlulisela ebantwini, kodwa ngiyazi futhi ukuthi bakhona abazozwa ukuthi ngithini,” kusho uSbahle.
Udalule nokuthi le ngoma, ephrojuswe uYBee, Kiti Mkhize noRonny - iyisendlalelo se-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Isicoco Sami, azoyikhipha eseqopha ngokuzimela ngabo-Ephreli noma phakathi nonyaka uma konke kuhamba ngendlela ahlela ngayo.
“Ngijabule kakhulu nangalokho ngenxa yokuthi njengoba sengisebenza ngokuzimela nje okuningi kubheke mina manje, futhi ngiyafunda nsuku zonke ukuqinisekisa ukuthi akubi nagcobho emsebenzini wami, kunalokho ngilokhu ngikhula nje,” usho kanje.
Ngaphambi kokuzimela, uSbahle ubeqopha futhi ekhipha umculo wakhe esitebeleni Umuthi Records, esaqalwa woNduh Browns noDanya Devs bodumo lweBlaq Diamond.
Amagama akhe aphelele wuSbahle Fortunate Cele, kanti ugqame ngezingoma zakhe ezahlukene okubalwa kuzona ezithi Ubani Owayazi, Easy, Ngiyazifela, Uthe Uyayithanda nagqame ngayo ngo-2020 ethi Emlanjeni.