Ezokungcebeleka Umculo

UThebe umatasa ngeqophamlando ngempilo yakhe

Fanelesibonge Bengu|Published

INGWAZI ye-kwaito uThebe Imatasatasa nokuhlanganisa iqophamlando ngempilo yayo

Image: Instagram

UQOLOTHAKAMANGO womculi we-kwaito, uThebe, ugubha iminyaka engu-30 esemculweni ngokuhlanganisa iqophamlando elizochaza konke ngempilo yakhe.

UThebe uzakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzo iGroovers Prayer, Ungawa Kum, Safety Belt nezinye.

Muva nje upikwe engomeni ka-Abidoza ethi Bophilo Bo noKabza De Small noScotts Maphuma.

Ekhuluma naleli phephandaba, uThebe (53) uthe ukuhlanganisa iminyaka engu-30 ecula yiyona nto enkulu aseke ayizuza.

"Uhambo belunezingqinamba, kwehla kuphinde kunyukele. I-kwaito sayiqala phansi kunzima kodwa kube kuhle konke ngoba umuntu ukwazile ukukhulisa izingane waba nomndeni," kusho uThebe.

Uthe ababaningi abantu abakwazi ukuhlanganisa le minyaka becula.

"Okubalulekile ukuthi uhloniphe umsebenzi ungathathi kancane abalandeli. Kuthathele phezulu noma kuyinto yezokungcebeleka kodwa ihloniphe. Ngike ngibone abamanje bayatefa kakhulu. Uma uya emsebenzini usuke ungayi otshwaleni. Ukunikezwa iziphuzo akumele kube yimpoqo kodwa kusuke enhliziyweni yokuqashile ukuze ukhululeke. Ukuhamba nabantu abaningi ngeke kukubuyisele ngalutho kunalokho badonsela wena emuva. Uma uba nenkinga abaveli bona kuvela igama lakho," kuchaza uThebe.

Uthe umatasa nokuhlanganisa iqophamlando elikhuluma ngempilo yakhe nebanga aselihambile emculweni.

"Senza kabusha nezingoma zami ezizohambisana nalo iqophamlando. Nginethemba lokuthi lizophuma ngasekupheleni konyaka ngoba sesineminyaka emibili siqalile."

Uthe ufuna ukuxoxa ngempilo yakhe aveze ukuthi udlondlobale kanjani ngethemba lokugqugquzela abanye ngoba baningi bebuza.