Ezokungcebeleka Umculo

Kuphele amazwi okubonga Umafikizolo emukeliswa i-Polo

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI kamaskandi uMafikizolo esonyanyavini lwemoto iVW Polo TSI ahlabane ngayo emncintiswaneni womsakazo Ukhozi FM wengoma ehlukanisa unyaka, ngengoma yakhe ethi Uyoncengwa Unyoko

Image: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

KUPHELE amazwi okubonga kumculi kamaskandi Umafikizolo, obegajwe yinjabulo emukeliswa ngokusemthethweni unyanyavu lwemoto i-VW Polo TSI, okuwumklomelo wakhe wokudla umhlanganiso emncintiswano wengoma ehlukanisa unyaka oKhozini FM.

Lizikhulumela emva komcimbi obusezindlini zokusakaza zomsakazo, eThekwini ngoLwesihlanu, leli ciko elidabuka eWasbank, eMnambithi, maphakathi nesifundazwe iKwaZulu-Natali, lithe liswele amazwi okuchaza ukuthi kulijabulise kangakanani ukuhlabana kulo mqhudelwano.

“Bengilokhu ngingakholwa sonke lesi sikhathi ngisalinde ukuthi kufike lolu suku lokuthi nginikwe lo mklomelo omkhulu nomuhle kangaka, kangangokuthi manje yikhona kuthi qwebu emehlweni njengoba sengibona kwenzeka ngempela lokhu,” usho kanje.

Eqhuba, uthe konke lokhu bekungeke kwenzeke ngaphandle kothando lwabalandeli bakhe, izinsizwa agida nazo, kanjalo nabamsize ukuhlanganisa nokudidiyela le ngoma oThabiso Shange, Sabelo Ntshangase, Nhlakanipho Ngcobo noXhaka Mkhize.

INJABULO ibibhalwe ebusweni kumculi kamaskandi Umafikizolo, emva kokwemukeliswa unyanyavu lwemoto i-VW Polo TSI ngokudla umhlanganiso emncintiswaneni wengoma ehlukanisa unyaka oKhozini FM, ngengoma yakhe ethi Uyoncengwa Unyoko

Image: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

“Ngithemba ukuthi uma siqhubeka sisebenza ngokuzimisela, ukuzikhandla nokubambisana kukhulu okunye esisazokwenza kusuka manje kubhekwe phambili, futhi ngithembisa ukuthi ngizoqhubeka ngididiyele umculo omnandi nojabulisa abalandeli bomculo,” kusho yena.

Umafikizolo ongowesibili kubaculi ukuthi ahlabane ngemoto ngokunqoba lo mncintiswano, ulandela ezinyathelweni zikaMthandeni Manqele owaziwa ngeleGcokama Elisha, owenze okufanayo nyakenye ngengoma yakhe ethi Gucci, ayishaya nomculi wama-piano uMaWhoo.

KUBE yinjabulo yodwa ngenkathi abomsakazo Ukhozi FM bemukelisa umculi kamaskandi Umafikizolo ngonyanyavu lwemoto i-VW Polo TSI, ngokudla umhlanganiso emncintiswaneni wengoma ehlukanisa unyaka, ngengoma yakhe ethi Uyoncengwa Unyoko

Image: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

Umphathi woKhozi FM uMnuz Lwazi Mthabela uthe bewumsakazo womphakathi ohamba phambili ezweni kuyabathokozisa ukuthi njalo ngonyaka bahlale benza lo mncintiswano osiza ukuvula iminyango emacikweni ehlukene, futhi uwakhuthaze ukuqhubeka azimisele.

Le ngoma kaMafikizolo, ogama lakhe lokuzalwa wuLethukuthula Madondo, ikwi-EP yakhe ephume ngoJulayi nyakenye, ayiqambe ngaso lesi sihloko esithi Uyoncengwa Unyoko

I-Uyoncengwa Unyoko EP yelama enye futhi ethi Inja Kabi Lena, yona eyaphuma ngoMashi nyakenye, ne-albhamu yakhe yokuqala ethi Ngathi Nguye, yango-2024.