Ezokungcebeleka Umculo

U-DJ Tira umfuna ngempela umuntu ozothenga iFact Durban Rocks

Fanelesibonge Bengu|Published

U-DJ Tira nabazali bakhe u-Abigail noThemba Khathi

Image: Facebook/Gagasi FM

INGWAZI kaDJ waseThekwini, uDJ Tira, ithi yize umcimbi wayo iFact Durban Rocks uhambe kahle kodwa isamile ekutheni iyawudayisa.

UTira umemezele ngasekupheleni konyaka odlule ukuthi ngeyokugcina iFact Durban Rocks ebisePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, ngeledlule.

Lo mcimbi oba kabili ngonyaka – ngoJulayi nangoDisemba – ubewuhlela ngokubambisana noChad White.

“Ihambe kahle kakhulu mfowethu futhi iyona ebimnandi okuwadlula wonke. Amathikithi ahambe kahle futhi yonke into ibimangalisa. Kodwa bekungeyokugcina mfana. Ngifuna umuntu ozoyithenga. Akeze ozoyithenga ayithathe ayibeke kwelinye izinga eliphezulu,” kusho uTira.

Ukhuluma kanje nje, ngoLwesihlanu uhlonishwe yiGagasi FM ngokuthi ingoma yakhe ihlukanise unyaka kulesi siteshi.

Le ngoma, i-Awungazi, ayishaya noPcee neCampMasters base bepika kuyo uGeneral C’mamane, ikwi-Extended Play kaTira ethi Izinsimbi ZaMakoya ephume ngo-Okthoba.

“Bengingalindele ukuwina. Mina bengizitshela ukuthi kuzowina iPuku Puku. Bengingazi ukuthi ngizowina kodwa-ke, ngiyabonga!”

IPuku Puku kaDlala Mshunqisi noBeast igcine ilala isibili.

UTira, oseneminyaka ecela ku-27 esemculweni, uqhakambise ukuzihlonipha njengokuyikhona okukhathule indima enkulu yokuthi ahlale isikhathi esingaka esematheni.

“Naka umsebenzi, uhloniphe bese usebenza ngokuzikhandla. Asiyeke ukulokhu siba nesikhathi sokudlala. Asisebenzeni bafowethu ngiyakutshela.” kusho uTira.

Uthe kumele kuvele abanye oDJ Tira abazoza ngemuva kwakhe eThekwini.

Uphethe ngokuthi ubuyela estudiyo njengoba unyaka uqala.

“Ngidinga enye ingoma ezoshisa izikhotha maduze. Ngaphambi kukaMashi kumele ngibe senginishayile ngenye ingoma ezoshisa izikhotha nginganiniki isikhathi sokuphumula. Yilindeleni!”