UFEZA Langa, umculi kamaskandi ongomunye wabasematheni kulezi zinsuku ngengoma yakhe ethi Umaqondana
Image: SITHUNYELWE
UMCULI kamaskandi osemusha nongomunye wabasematheni ngomculo wakhe kulezi zinsuku uFeza Langa, usedalule ukuthi ukungenisa kwakhe emculweni kuvuse uhlevane ebantwini abaningi nasemacikweni imbala - kangangokuthi kukhona nasebedalule ukuthi ubuciko nekhono lakhe kubakhumbuza umaskanda ongasekho emhlabeni uMajotha.
UFeza (29) waseNgwetshana, eNquthu, usho njalo exoxa neSolezwe ngokugqama kwakhe ngokushesha emculweni, emva kokukhipha icwecwe lakhe lokuqala elisihloko sithi Inkanyezi EP, eliphume ngo-Okthoba nyakenye, eligqame ngengoma yakhe ethi Umaqondana, esilalewe ngabantu abawu-5.9 million kwiYouTube.
Leli ciko lithe namanje lisamangele ngenxa yendlela izinto zalo ezisheshe ukulunga ngayo kulezi zinyanga ezimbili kuya kwezintathu ezedlule, kangangokuthi kukhona nabanye abaculi elibahloniphayo endimeni asebephumele obala betusa ubuhle bekhono lakhe.
Uthe izincomo zingena ngapha nangapha, kuphinde kube namaciko ahlabeka umxhwele ngekhono lakhe okukhona kuwona uNtencane, Mzukulu, noGatsheni - ongomunye wabalimise ngesihloko elokuthi ubakhumbuza uMajotha, naye owayengaconsi phansi kubalandeli bamaskandi esaphila.
UFEZA Langa, umculi kamaskandi ongomunye wabasematheni kulezi zinsuku ngengoma yakhe ethi Umaqondana
Image: SITHUNYELWE
“Ngigculisekile kakhulu ngendlela umculo wami owamukeleka kahle ngayo ebantwini futhi ngibonga kakhulu kwabenkampani engisebenza ngaphansi kwayo Insika Yethonga, okuthe ngifika kuyona ngoJuni bangisiza ngokuningi ebengingakwazi ngale ndima, futhi bangisiza ukuze umculo wami uphucuke ngale ndlela osekuyiyona manje,” kulanda uFeza.
Uthe umculo yinto akhule evele eyikhonzile futhi efuna ukugxila kuyona njengoba akhipha ingoma yakhe yokuqala ngo-2023 eyayisihloko sithi Ukuba Yibhinca, nokho engachumanga ngaleso sikhathi - njengoba esebuya ngamandla manje eseyintandokazi eningini.
“Manje sengibheke ukuthi ngiqhubeke nokwakhela kulokhu okuhle esengikwenzile endimeni, ngisabalalise umculo negama lami ebantwini abaningi ukusiza ukuze ngikhule futhi ngenze izinto ezinhle ezizokwenza ngihlonishwe kule ndima yomculo,” usho kanje.
Ngale komculo, uFeza uneziqu zobuthishela zase-University of The Free State. Enkampanini yomculo Insika Yethonga usebenza namaciko akumaskandi aqopha kuyona oCevuzile, uMshini Wemali noMafikizolo wodumo lwengoma ethi Uyoncengwa Unyoko.