Ezokungcebeleka Umculo

Linqobe usizi iqembu linikelelwa ngetekisi

Fanelesibonge Bengu|Published

Iqembu lowokholo Abanqobi linikezwa itekisi entsha eliyinikelelwe yiMakhathini Medical Waste kaBonginkosi Makhathini

Image: Sibonelo Ngcobo/Independent Newspapers

NGESIKHATHI lilindele ukuthola imiyalezo yasebhange kulandela ukucela kwalo uxhaso ukuze lithenge itekisi entsha emva kokudunwa kweyalo nyakenye, iqembu lomculo wokholo, Abanqobi, lithi kunalokho laphela yizinhlamba.

Leli qembu laseMlaza elicula ngaphandle kwezinsimbi, laphucwa itekisi lalo KwaNdengezi yatholwa isiyigobongo, eWyebank, ngasePinetown.

Emuva kwezinsuku laphumela obala ezinkundleni zokuxhumana ngobunzima bokufinyelela emsebenzini ngenxa yokungabi nayo imoto. Lacela ukuthi abangakwazi baphonse abanakho ukuze liqongelele lithenge itekisi entsha.

UMHOLI waBanqobi uMandla Ntuli edlulisa isithombe sokubonga kuBonginkosi Makhathini

Image: Sibonelo Ngcobo/Independent Newspapers

“Lutho asitholanga lutho kunalokho sathola izinhlamba kwabanye bethi ngathi nabo bezixakekele sizogqwaba kubona,” kusho umholi weqembu uMandla Ntuli.

“Abanye babethi siyalunga ngoba sasizitshela kwakuthi uma befuna ukushutha nathi sibaleke siyocasha kuyona iQuantum. Asizitsheli nhlobo ngisho kumuntu noma ngabe unjani.”

Izolo Abanqobi basulwe izinyembezi bethola itekisi abayinikelelwe yinkampani iMakhathini Medical Waste kaBonginkosi Makhathini.

“Siyabonga kakhulu kubaba uMakhathini. Kukancane ukuthi umuntu angene egaraji akuthengele imoto entsha sha angasho nokuthi mhlangabeze noma yingo-R100 000. Sengathi uNkulunkulu angamandisela nomndeni wakhe namabhizinisi akhe adlondlobale,” kusho uMandla.

Uthe bahlangana noMakhathini emcimbini wesihlobo sakhe eHillcrest, wabakhonza kusuka lapho. 

“Wayesiqashile emzini wakhe safike sabalisa ngokuthi lokhu ebesinakho sebekuthathile. Wathi hhayi madoda ngizosivala isikhala salo zithatheni njengabantu asebenelisha.”

Uthe bese befana nabantu abasebenzela ukukhokhela izimoto abaziqashayo ngoba kuyabiza. Uveze ukuthi uma beya eduze besuka eMlaza bebekhokha u-R1 500.

“Angingawadli amandla kaBaba uZondi onamatekisi. Wathi uzosibhekelela ngentengo ngeke asibize. Kweyethu iQuantum besikwazi ukuyigcwalisa siye eNewcastle sibuye. Uma siqasha imoto besikhokha u-R7 000. Angiphathi uma siya eGoli! Besikhokha u-R15 000!”

Uphethe ngokudalula ukuthi kulo nyaka bazimisele ngokuqopha bukhoma umculo ozohambisana nama-video noma isikhathi bengakasazi.