UDJ Tira ohlela iFact Durban Rocks
Image: Sigciniwe
LWANDISIWE uhla lwabaculi abazonandisa emcimbini iFact Durban Rocks ezoba sePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Le ndumezulu yokuvala unyaka kuzoba ngeyokugcina ihlelwa wuDJ Tira noChad White abamemezele esitatimendeni emasontweni adlule ukuthi bayayidayisa.
UTira uthe njengoba kungeyokugcina abantu bengalindela umcimbi osezingeni eliphezulu lapho bezophatheka kahle khona futhi nomsindo womculo ukhala kamnandi.
“Kuzoba nabaculi abazomangaza abantu ngoba kukhona abangekho ohlwini kodwa abathi ngoba ngeyokugcina ngeke bahlale bangabi bikho,” kusho uTira othe umcimbi uzodonsa kuze kuse.
Uthe uma ebheka emuva uyaziqhenya ngokuthi iFact Durban Rocks iwona mcimbi okhombise ukuthi iMoses Mabhida Stadium iyakwazi ukusingatha imicimbi yalolu hlobo njengoba sebenze angaphezu kuka-30.
“Sinikeze ithuba amaciko amaningi ebesiwanika ithuba lokuthi azotshengisa ithalente lawo. Nalapho imisebenzi eminingi yethuliwe kwiFact Durban Rocks. Ngikhumbula nje kudala sethula iBig Nuz. Eish kubuyisa izikhathi ezimnandi ngoba sisebenzile ngale Fact Durban Rocks,” kubeka uDJ Tira.
Uthe isiqubulo seFact Durban Rocks saqala ngabo-2007 noma-2008 belokhu bethi iTheku liyarokha ngomculo wabo.
“Ngokuhamba kwesikhathi ngahlangana noMr White owangitshela ngeMoses Mabhida ukuthi singakwazi ukuthi senze kuyo imicimbi mina ngase ngimtshela ukuthi nginento okuthiwa iFact Durban Rocks engicabanga ukuthi singakwazi ukubambisana kuyo. Nangempela sayibhalisa iFact Durban Rocks sayihlanganisa.”
Uphethe ngokuthi amathikithi ahamba kahle nokubenza baphushe kakhulu ukuthi abantu basheshe bawathenge ukuze kugcwale.
Atholakala eTicketpro ngemali eqala ku-R350 futhi awekho azodayisa esangweni.
Kuzobe kunandisa uYoung Stunna, Professor, Zee Nxumalo, Dlala Thukzin, DJ Tira, DJ Maphorisa, Big Zulu, Pcee, Jazzwrld noThukuthela, Goldmax, Dankie Boi nabanye abaningi.
Related Topics: